AKANGABAZI ukuthi ezakhe zisazozilwela izicoco ezizayo ngemuva kokuphunyukwa yindebe yeMTN8 umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
AmaSandawana agingqwe yi-Orlando Pirates ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngemuva kokuthi ingekho evume ukugoba uphondo kwaze kwaphela imizuzu engu-120 zibambene ngo 0-0.
Sekukhahlehlwa amaphenathi unozinti weZimnyama, uSipho Chaine, uvimbe amathathu, nokusize iqembu lakhe ukuthi lingcine likwazile ukuvikela lesi sicoco.
Nakuba iSundowns isijwayele ukuzenzela kwiDStv Premiership, esiyiwine amahlandla ayisithupha kulandelana, inakho ukuqhuzuka emiqhudelwaneni yomkhumulajezi, ikakhulukazi i-MTN8, esayinqobe kanye kusukela ngo-2008.
UMokwena uthe kuningi okubaphazamisile kulo mdlalo. Ubalule izinqumo zonompempe, isimo senkundla, ukulinyalelwa ngabadlali abamqoka nokunye. Nokho uthe uyaziqhenya ngabadlali bakhe futhi uma kukhona okumele asolwe kumele kube nguyena.
“Asiqale ngokuhalalisela iqembu ebesibhekene nalo, i-Orlando Pirates, ngokuba ngompetha. Ngicabanga ukuthi yinto okufanele siyenze leyo. Siyaziqhenya ngabadlali bethu ngendlela abazikhandle ngayo nobuqhawe babo,” kusho uMokwena.
“UPeter (Shalulile), obengaphilile kahle, wenze konke okusemandleni akhe. Sizamile futhi sakha amathuba amangalisayo. Sithole ithuba elihle kakhulu ngoShika (Themba Zwane), elinye ngoPeter nelinye elikhulu ngoMarcello (Allende). Ngicabanga ukuthi iPirates ibe nethuba elilodwa, eliye kuSaleng.
“Sidlale kahle futhi ngiyaziqhenya ngabadlali. Kumele sivuke sizithathe, siqhubekele phambili. Besinganqoba emizuzwini engu-90, ngeshwa asiphumelelanga. Uma iqembu linganqobanga umqeqeshi kumele aphumele obala ngakho-ke ngiyakwamukela ukusolwa ngalo mphumela.
“Sikubonile okwenzeke enkundleni futhi ngiyethemba ukuthi kuzohlaziywa ngongoti ngoMsombuluko. Ngizobe ngilalele futhi ngibukele. Kufanele ngizibambe ukuze ngingasho okuningi.
“Inkundla ibingekho ezingeni eliphezulu, utshani bebubude yize bezamile ukubunisela. Kuzwakala njengezaba uma ukhuluma ngezimo uma ungawinanga ngakho asigxile ebholeni. Senze konke okusemandleni futhi sizame kanzima ngaphansi kwezimo ezinzima.
“Ukukukwazi ukwakha amathuba ngaphandle kukaThapelo Morena noLucas (Ribeiro), abangabadlali abamqoka kithina, kwenza ngiziqhenye ngabadlali ngoba benze konke okusemandleni abo.”
ISundowns isasethubeni lokuyigcina indebe yeDStv Premiership njengoba iqhwakele kwi-log. Isazolwela imiqhudelwano emibili yomkhumulajezi yePSL, iCarling Black Cup neNedbank Cup. Isekhona nakwiCaf Champions League.
“Okuhle wukuthi leli qembu lihlezi lizama konke okusemandleni ukuthi linqobe. Kunzima ukwamukela okwenzekile kodwa sizobuya. Ngeke ngibasole abadlali ngokuhlulwa kumaphenathi ekubeni bezinikela kangaka. Sibaphoxile abalandeli bethu futhi salenzela phansi iqembu. Siyakuzwa lokho futhi siyaxolisa kodwa sesibheke phambili.
“Asikho isikhathi sokuzidabukela. Kumele sizibambe ziqine siqhubeke ngoba ziningi izindebe esisazozilwela nemidlalo okufanele siyinqobe. Sizobuya,” uphethe kanje lo mqeqeshi.