LIKHULU isasasa ngomdlalo obhekwe ngabomvu ophakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs weMTN 8 kanti amathikithi asedayiswe aphela, ngaphambi kosuku lomdlalo.
ISundowns izotholana phezulu neChiefs emdlalweni womlenze wesibili owandulela owamanqamu eMTN 8, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Amasango azovulwa ngo-11 ekuseni kanti asebewathengile amathikithi bayanxuswa ukuthi basheshe bafike enkundleni, ukuze bakwazi ukungena kahle ngaphandle kwesinyokotho.
IPremier Soccer League (PSL) izosebenza ngokubambisana namaphoyisa ombutho weSouth African Police Service (SAPS) ukuqinisekisa ezokuphepha kulo mdlalo.
Njengengxenye yokuqinisekisa ezokuphepha, awekho amathikithi azodayiswa enkundleni ngosuku lo mdlalo, futhi abazotholakala bedayisa amathikithi omgunyathi bazokhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Emdlalweni womlenze wezimbangi wokuqala owawuseFNB Stadium, eGoli, iSundowns neChiefs zabambana ngo 1-1. Yikho okwenza kulindeleke ukuba kuguge utshani emdlalweni ngoba womabili amaqembu amagange ngokuzibekisela indawo kowamanqamu weMTN 8.
Ozonqoba umdlalo uzolinda ozowina phakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch FC, komunye umdlalo wowandulela owamanqamu ongeSonto, e-Orlando Stadium, eSoweto.