Bafana Bafana (1) 1
DR Congo (0) 0
IBAFANA Bafana yelule irekhodi lokungehlulwa yalibeka emidlalweni eyisishiyagalolunye ingayazi induku, ngemuva kokunqoba kowobungani ibhekene neDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoLwesithathu, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Igoli eliweze iBafana linanyathiselwe enethini nguLyle Foster, maphakathi nesiwombe sokuqala kade ithole ikhona.
IBafana iwuqale ngokuthwala kanzima emdlalweni obekuboshelwe izithenjwa zikamqeqeshi wayo uHugo Broos, ngaphandle kukakaputeni ongunozinti uRonwen Williams, indawo yakhe ebidlalwa, nguRicardo Goss.
Abanye abadlali abebebuyiswe uBroos, abangawuqalanga oweNamibia ngempelasonto edlule, nguMihlali Mayambela, Percy Tau, Zakhele Lepasa, Mothobi Mvala noFoster, ukubala abambalwa.
Abadlali abanjengoTau, bazithole bemaka ngemizuzu yokuqala kanti lokho bekudalwa ukuhlasela ngamandla kwezivakashi ebezinabalandeli abaningi, kunabeqembu lasekhaya umdlalo usanda kuqala.
Ngesikhathi kubukeka sengathi seziqala ukuthengana yize zombili bezingeyona ingozi, uFoster ube nenhlanhla wathola ibhola engamakwe muntu ngomzuzu ka-25, kade kunesibhudubhudu esidalwe yikhona yeBafana.
Kucishe kwaba imizuzwana iBafana ihamba phambili kodwa walanyulelwa yisitobha sayo uSiyanda Xulu, savimba ibhola obekusobala ukuthi ngeke alifice uGoss.
Nakuba iDRC ibingeyona ingozi kangako kodwa ukuba semuva kubukeke sengathi kuyifaka umfutho ngoba ibisihlasela ngokulandelana ezintini zikanozinti weSuperSport United, kwasho khona ukuthi ayiqondisi uma isingene ebhokisini.
Ngokubona ukuthi iDRC isilifuna ngenkani igoli lokulinganisa, iBafana iqome ukuligcina kuyona ibhola yabelana ngalo ngamaphasi aseduze kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Nasesiwombeni sesibili izivakashi bekuseyizona ezihlasela ziphindelela okuze kwaholela ekutheni uXulu, athole ikhadi eliphuzi zibuya ekhefini.
Kukona konke lokhu, uBathusi Aubaas, noMlungisi Mbunjana bebelokhu beqhamuke njalo lapho iBafana ebibadinga khona okuyinto engabafaka ekhanda likaBroos uma esebophela isikimu esiya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
UBroos uphumuze uMayambela noLepasa, umdlalo obungabavumi, kwathi izindawo zabo zathathwa nguMonnapule Saleng noLebohang Mothiba, abangene neminyakazo yize nayo ibingatheni.
Umdlalo uphele kanjalo ngokunqoba kweBafana, ebikade idlale ngokubambana ngo 0-0 neNamibia, kowokuqala wobungani.