NAKUBA kukuncane okwaziwayo ngeqembu lesizwe laseQatar nelase-Ecuador okuyiwona maqembu azodlala umdlalo wokuvula weNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2022 namuhla ntambama, eQatar, kodwa kungase kube yithuba kula maqembu ukudlala ngendlela ezowenza angalibaleki kalula ezingqondweni zabathandi bebhola kulo mqhudelwano.
IQatar engosokhaya izovula ne-Ecuador, e-Al Bayt Stadium, e-Al Khor, eQatar, namuhla ngo-6 ntambama.
IQatar ithole ingqayizivele yethuba lokudlala okokuqala kulo mqhudelwano ngokuzuza ilungelo lokusingatha lo mqhudelwano, kwazise beyingakaze ikwazi ukuzibekisela indawo phambilini. Iqhathwe kuGroup A ne-Ecuador, iSenegal, neNertherlands.
Leli qembu lesizwe laseQatar lizongena enkundleni seliqalile ukukhombisa izimpawu zokuba yizwe elidlondlobalayo kwizwekazi i-Asia njengoba libe ngompetha be-AFC Asian Cup ngo-2019 liguqisa iJapan kowamanqamu.
Ngaphandle kokuthi i-The Maroon - okuyisiteketiso seQatar - ibophele abadlali abadlala kwiligi yasekhaya kuphela, kodwa ibhekene nenselelo yokwenza isiqiniseko sokungabaphoxi abathandi bebhola bakuleli zwe ngokuphuma ekuseni.
Nakuba ibukeka izobhekana nomqansa ikakhulukazi uma kubhekwa amazwe eboshelwe nawo eqoqweni layo asengomakadebona kulo mqhudelwano anjengoNertherlands noSenegal, kodwa ukudlalela kwayo ekhaya iQatar kubukeka kungase kube yisikhuthazi.
Ngaphandle kweSouth Korea neNingizimu Afrika okuyiwona maqembu esizwe asaphethe irekhodi lokuphuma ekuseni engosokhaya kwiNdebe yoMhlaba, iQatar ibhekene nenselelo yokugwema ukungena emabhukwini amabi omlando.
ISouth Korea yayingosokhaya ngokubambisana neJapan ngo-2002, iphuma ekuseni kwathi omkhaya bayo iJapan bagila izimanga baze bafinyelela kowandulela owamanqamu.
IQatar iqeqeshwa wuFelix Sanchez, odabuka eSpain. USanchez (46) othathe izintambo zokuqeqesha iQatar ngo-2017, unqobele leli zwe i-Asian Cup ngo-2019, waphinda walihola lifinyelela kowandulela owamanqamu eCONCACAF Gold Cup ka-2021.
Kubadlali baleli qembu ababhekiwe, kubalwa kubona u-Almoez Ali, A-Akram Afif, nokaputeni uHassan Al-Haydos.
U-Ali (26) ongumgadli obukhali ogijima kwi-Al-Duhail yakhona eQatar, nguyena osahamba phambili njengamanje ngokushaya amagoli kuleli qembu njengoba esahlohle angu-42.
Ngakolunye uhlangothi i-Ecuador eyadlala okokuqala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2002, ayikaze yedlulele esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano futhi ayikwazanga ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni wango-2018, eRussia.
Leli qembu eliqeqeshwa wuGustavo Alfaro wase-Argentina, linabadlali abaningi abadlala kumaligi ako-US, Belgium, Argentina, France nase-England, okulenza libe ngcono kakhulu kuneQatar.
Kubadlali baleli qembu ababhekiwe, kubalwa umdlali wasesiswini uMoises Caicedo nomdlali wasemuva uPervis Estupinan bobabili abagijima kwiBrighton and Hove-Albion edlala kwi-English Premier League, no-Enner Valencia ogijima kwiFernebarhce yaseTurkey.
UValencia (33) nguyena njengamanje osaphethe irekhodi lokushaya amagoli amaningi eqenjini lesizwe lase-Ecuador, njengoba esashaye angu-35.