UKUSIZA I-Orlando Pirates ithole lokhu ephupha ngakho ikhona okuseqhulwini bese kulandela umbango wesicathulo segolide, kuTshegofatso Mabasa, obuyele esicongweni emdonsiswaneni wakhe no-Iqraam Rayners, weStellenbosch FC noLucas Ribeiro, weMamelodi Sundowns.
UMabasa ubuyele eqhulwini emjahweni wesicathulo segolide ngokushaya amagoli amabili ngesikhathi iBucs inqoba ngo 2-0 kwiChippa United ngoLwesithathu ebusuku kwiDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto.
La magoli abeke uMabasa kwangu-15 lapho ehola khona uRayners ona-14 noRibeiro onawu-12.
Ngaphandle kokukhuphula uMabasa kulo mbango wamagoli, lo mphumela wePirates unciphise igebe phakathi kwayo neStellies emjahweni wabo wokuqeda endaweni yesibili. IStellies ihlulekile ukuthatha amaphuzu aphelele kowayo umdlalo ibhekene naMaZulu ngalo uLwesithathu ebusuku.
IPirates neStellies babanga ukuqeda endaweni yesibili kwi-log okuhamba nethikithi lokuyomela i-Premuer Soccer League (PSL) kwiCaf Champions League.
Womabili la maqembu ahlukaniswe iphuzu emhlane weMamelodi Sundowns esingompetha beligi.
Emuva kokungcwaba iChippa, uMabasa oqokwe njengomdlali ovelele wosuku, utshele abakwaSuperSport ukuthi iPirates phambili kulandele umbango wamagoli emqondweni wakhe.
“Okubusa umqondo wami ukusiza iPirates izuze lokhu ephupha ngakho kule sizini ngakho-ke konke okunye sekuyoba ibhonasi engiyamukelayo nokho,” kusho uMabasa.
“Okwami ukuqhubeka nokuqinisekisa ukuthi nginesandla ekuqoqeni kweqembu amaphuzu eliwadingayo njengoba senzile kwiChippa.
“Uma lokhu kuqondana nokuthi nasembangweni wamagoli kuhamba kahle, ngiyakwamukela lokho ngoba kusho ukuthi kuyintando yoMdali.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi ngeke kungithokozise ukugcina ngigoduke naso isicathulo segolide ngoba ngiwumgadli ngiyazi ukuthi sonke sinomona.
“Umgadli uhlolwa ngezibalo zamagoli awashayayo ngakho-ke ifomu engikuyona ngifisa ingapheli ngoba indlela engizizwa ngayo iyangijabulisa.
UMabasa uzothola ithuba lokwandisa kulesi sibalo emdlalweni weligi neRichards Bay FC kusasa ngo-8 ebusuku, e-Orlando Stadium.
URibeiro ulimale esiwombeni sokuqala ngesikhathi iSundowns ibhekene neLamontville Golden Arrows okungase kumkhiphe embangweni yize esasalelwe emihlanu ngaphambi kokusongwa kwesizini.
UReiners yena uzozama ukwandisa emgodleni wakhe uma sebedlala neMoroka Swallows kusasa eDobsonville Stadium.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-7.30pm: SuperSport United v Cape Town Spurs (Peter Mokaba Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Moroka Swallows v Stellenbosch (Dobsonville Stadium); Polokwane City v Sekhukhune United (Old Peter Mokaba).
Ngo-5.30pm: Mamelodi Sundowns v Royal AM (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-8pm: Orlando Pirates v Richards Bay (Orlando Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Golden Arrows v Chippa United (Mpumalanga Stadium); Cape Town City v TS Galaxy (DHL Cape Town Stadium).
Ngo-5.30pm: AmaZulu v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida Stadium).