Stellenbosch FC (1) 1
Orlando Pirates (0) 2
I-ORLANDO Pirates izithambisele umsebenzi ngokushaya amagoli amabili seliyoshona ekuhambeni inqoba kwiStellenbosch FC emdlalweni womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN8, ngeSonto ntambama, e-Athlone Stadium, eKapa.
U-Ismael Toure uyena ovule inkundla ngegoli leStellies esiwombeni sokuqala, iqembu lasekhaya elisiqede lingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu, kukaThabo Moloisane.
Esiwombeni sesibili, uZakhele Lepasa, uqhubekile nefomu yakhe emangalisayo kulezi zinsuku ngesikhathi elinganisela iPirates ngaphambi kokuthi, uDeon Hotto, abe yiqhawe ngemizuzu yokugcina.
Akuzange kudingeke ukuthi afudumale la maqembu womabili kwazise adumelane zisuka ekhombisa izindlela zokuhlasela abezogadla ngazo.
IPirates engompetha beMTN8 bangesizini edlule, ejwayele ukuliqala emuva, ibingalitholi ithuba lokukwenza lokhu ngenxa yokuxinwa yiStellies kusukela kubadlali baphambili.
Nakuba iPirates ibikhombisa izimpawu zokuxineka kodwa bekuthi uma iphumelela ukuphuma nalo ibhola, buhlale obala ubungozi iStellies elengela kubona.
Ebezikwenza kahle esiwombeni sokuqala ezikaSteve Barker, ukuvala uphawini wePirates wamabhola asuka esiswini noma ezimpondweni abephakelwa uLepasa obekwenza lo mgadli kube sengathi akekho.
Bekulihambela kahle iqembu lasekhaya kodwa kuthe kungakhishwa uMoloisane ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-32 kulandela ukudlalisa kwakhe kabi uPatrick Maswanganyi, kuqalile kwaba sengathi iPirates iyadlondlobala.
Ngomzuzu wokugcina walesi siwombe, uToure ungqofele enethini ikhona emshiye enkemile uSipho Chaine, obevimbele iPirates.
Njengoba bekulindelekile, iPirates ibuye ngamandla izama ukulinganisa kodwa ngalesi sikhathi uBarker ubese eyivale, ngo-Athenkosi Mcaba noGenino Palace imbobo evuleke ngokukhishwa kukaMoloisane ngekhadi elibomvu.
Kugcine kuyilungele nokho iPirates ngekhanda likaLepasa elinamathisela enethini ngomzuzu ka-66 kulandela ingcwenga yebhola aligotshelwe uMaswanganyi.
Kusukela lapho bese kuyiPirates ehlasela kulandelana waze wavuleka umnyango ngesikhathi uHotto eyiwinisa ekugcineni, ethola ngekhanda elinye ibhola ebeliqhamuka kuMaswanganyi oqokwe njengomdlali ovelele wosuku.
Umdlalo womlenze wesibili uzokuba ngoSepthemba 24, e-Orlando Stadium, eSoweto. Lana kuzodingeka ukuthi iStellenbosch ithole amagoli asekuhambeni angaphezulu kwamabili uma izimisele ngokuthi kube yiyona ezodlala kowamanqamu.