Royal AM (0) 0
Orlando Pirates (1) 4
I-ORLANDO Pirates iqhubekile nokushubisa umbango wokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngesikhathi ibhudluza iRoyal AM ngo 4-0 emdlalweni obuseHary Gwala Stadium, eMgungundlovu ngeSonto ntambama.
Le wini yamagoli kaPatrick Maswanganyi, Thalente Mbatha, Relebogile Mofokeng noKabelo Dlamini, inciphise igebe phakathi kwePirates neStellenbosch FC okuyiyona esabambelele endaweni yesibili ngamaphuzu awu-46.
Amaqembu akagcini ngokulwela indawo yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns eqhwakele kodwa alwela ithikithi lokuhamba naleli qembu lasePitoli ukuya kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. ISundowns esemuva ngemidlalo kunamanye amaqembu, seyishoda ngamaphuzu ayisithupha ukuqinisekisa ukuthi isithatha okwehlandla lesikhombisa kulandelana isicoco seligi.
Okusheshe kwaqapheleka kulo mdlalo ukuqina konyawo kuwona womabili la maqembu okufakazelwa ukuthi ukaputeni wePirates, uThapelo Xoki noKhethukuthula Ndlovu, weqembu lasekhaya bese besemabhukwini kanondweba umdlalo ungakafiki emizuzwini engu-15 uqalile.
Maphakathi nesiwombe sokuqala, kuphinde kwavela iphenathi eshiye abaningi benikina amakhanda inikwa iPirates kubukeka sengathi icala lidaleke ngaphandle kwebhokisi.
Le phenathi ithathwe uMaswanganyi wayibeka phakathi ngomzuzu ka-29 sekuke kwamiwa kulindwe unondweba nomsizi wakhe abake babhunga ngayo isikhathi eside.
Amathuba amabili amahle awele kumgadli weThwihli Thwahla, uSedwyn George, ngasekuqaleni nangasekupheleni kwesiwombe sokuqala ngokwahlukana bekumele okungenani limudle elilodwa, uMelusi Buthelezi, obevimbele iBucs.
Isiwombe sesibili siqalwe uThabiso Monyane endaweni kaThabiso Libitso, othinteke iqakala edlaliswa kabi ngasekupheleni kwesokuqala.
Yize bekuyiPirates edlala kangcono kodwa akukho lapho bezibukeka khona zisenkingeni, ezikaJohn Maduka futhi beziwathola awazo amathuba okulinganisa zizihlulekele.
Umdlalo uhambe ngalowo mgqigqo kwaze kwaba umzuzu ka-56 lapho uMbatha eshaye khona elakhe lokuqala kwiPirates ephakelwa uMaswanganyi.
Kuyidlondlobalise nakakhulu iPirates ukushaya igoli lesibili iphushwa nangabalandeli abebephume ngobuningi ukuzoyeseka.
IBucs ebisizenzela ishaye elesithathu ngomzuzu ka-74 esezihambela yedwa uRelebogile Mofokeng obekade eqalile ukuba iphela endlebeni ezitobheni zeRoyal AM.
Ngoka-82, uDlamini obesanda kungena ulivalele phakathi yize kubukeke sengathi ubengaqondile okungenye yezinkomba zokuthi ngalesi sikhathi somdlalo, iPirates isizidlela amahlanga kwaze kwaba umdlalo uyaphela. IRoyal AM ebisihlulwa ibalwa namaqembu abukeka ezoqeda ngaphandle kwe-Top 8 kule sizini.