Orlando Pirates (0) 1
AmaZulu FC (0) 0
ISHUBISE umbango wokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership i-Orlando Pirates ngesikhathi iqoqa amaphuzu agcwele kuMaZulu FC ngoMgqibelo ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
Le wini ibeka iPirates endaweni yesibili lapho ibambene khona ngamaphuzu angu-40 neStellenbosch FC kulo mjaho wegunya lokuba ingxenye yeCaf Champions League ngesizini ezayo. IStellies isele ngomdlalo owodwa kwiPirates yize bebambene ngamaphuzu.
Iqembu elizolala isithathu lona lizozibeka ethubeni lokudlala kwiCaf Confederation Cup.
Kube uTshegofatso Mabasa otholele iPirates igoli esiwombeni sesibili kulo mdlalo.
AmaZulu awudlale isikhathi eside lo mdlalo engasaphelele ngemuva kokuthi umdlali wasemuva, u-Abbubaker Mobara ethole ikhadi elibomvu kusadlalwe imizuzu ewu-21.
Bekuwumtitilizo wamakhadi kulo mdlalo njengoba unompempe uCedric Muvhali ubengakunqeni ukungena ephaketheni. Ugcine ekhiphe amakhadi ayishumi aphuzi.
Kucace uqala umdlalo ukuthi iPirates izele ukuzoqhubeka lapho igcine khona ngesonto eledlule kowomkhumula-jezi lapho ikhiphe khona Usuthu ezimalini zeNedbank Cup ilushaya ngembudlu ngo 4-2 kuma-quarterfinal.
Nakuba iPirates iwuqalise okweqembu lasekhaya umdlalo kodwa Usuthu belungazibekile phansi kwazise belungena ebhokisini leBucs uma luthole ithuba njengoba kwenzekile, kuVictor Letsoalo, eshaya ipali ngomzuzu wesishiyagalolunye.
Ngokwezinhlelo zaMaZulu, umdlalo wonakale ngomzuzu ka-20 ngesikhathi uMuvhali ekhipha uMobara ngekhadi elibomvu.
Emuva kwaleli khadi, iPirates iwukhuphulile umdlalo kodwa kuze kwayiwa ekhefini lingekho eselibone ngalapho egxunyekwe ngakhona amapali.
Nesesibili sihambe ngomgqigqo ofanayo isiwombe ilokhu ihlasele njalo iPirates kodwa AmaZulu nawo elokhu evale njalo emuva.
Izinto zePirates ziqale ukuvuleka sekungene, uMonnapule Saleng, okube uyena ophakela uMabasa ibhola eligcine lingene enethini ngomzuzu ka-75.
Ngisho iPirates isilishayile leli goli bekungekho ukukhululeka enkundleni kwazise Usuthu beluwathola amathuba yize ebembalwa. USuthu lusayibambe endaweni ka-13 ngamaphuzu awu-28.