INGASE ihlafune izindodla i-Orolando Pirates ngesethenjwa sikanozinti wayo waseGhana, uRichard Ofori.
Lokhu kuhlongozwe yisitatimende esiphanyekwe yiFederation of International Football Association (Fifa), enkundleni yezokwazisa nezokuxhumana, ichaza ngemihlomulo ezotitilizwa ngamaqembu azoba nabadlali kwi-2022 Fifa World Cup.
INdebe yoMhlaba iqala ngoNovemba 20, eQatar.
U-Ofori akagcini ngokuba yisethenjwa kwiPirates kodwa ngesifanayo naseqenjini lesizwe laseGhana, nguye othenjwe ngokuvimba ezintini.
Isitatimende seFifa ngomtitilizo ewubiza ngeClub benefits Programme sithi iqembu ngalinye lizohlomula u-R$10000 (R182 000) ngomdlali ngamunye usuku nosuku, azoluhlala eQatar, eseyingxenye yomqhudelwano.
Lapha akukhathalekile ukuthi uyaboshelwa yini noma cha umdlali kanti akukhulunywa lapha ngezinsuku lapho izwe lakhe lizobe lidlala ngazo. Lokho kusho ukuthi kungase kuvalwe umdlali ngamunye eseqoqele iqembu lakhe u-$370 00 (R6.7 million).
Akwaziwa ukuthi iGhana ka-Ofori izohlala isikhathi esingakanani eQatar, kodwa bazoyiqeda eyamaqoqo. IGhana iboshelwe kwiGroup H nePortugal, Uruguay, neKorea Republic.
Lokho kusho ukuthi iPirates izothola izindodla ngo-Ofori ngoba iyoze iqede eyamaqoqo ngoDisemba 2 ne-Uruguay.
Okwenza abe mancane amathuba okuthi u-Ofori asale esikwatini seGhana esiya eQatar, wukuthi ngaphezu kokuvimba kuwo womabili ama-Africa Cup of Nations edlule, nguye obegiya ezintini nasemidlalweni yokuhlunga.
Nguye lo nozinti obesemapalini ngenkathi iGhana ikhipha kabuhlungu iBafana Bafana, kweyokuhlunga ngomdlalo wokugcina esigabeni samaqoqo. Amaqembu kumele asebenzise ubuchwephe besimanje ukuyibhalisela le mali. IFifa izishaya isifuba ngokuthi emuva kwe-2018 Fifa World Cup ikhokhele amaqembu angu-416.