KUBUKEKA engathi kunenkinga yabadlali basemuva enyonyobela i-Orlando Pirates enomdlalo omqoka wama-quarterfinal eNedbank Cup ngempelasonto.
Ezimnyama zizolwela ukuqhubeka endleleni yazo ebheke ekuvikeleni lesi sicoco uma sesizotholene phezulu naMaZulu FC ngoMgqibelo ngo-6 ntambama eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
USuthu olusuka ekunqobeni okokuqala koweligi ku-2024 kwiCape Town City ebidlala nayo ngeSonto eKapa, lomdlalo ufana nowokuziphindiselela kwiPirates eyincishe ithuba lokuphakamisa indebe, ebahlule kowamanqamu eMTN 8 ngo-2022.
Lokhu kungase kwenzeke lubanjelwe nokho Usuthu kwazise izitobha ezimbili zokuqina zePirates ngeke zibe ingxenye yalo mdlalo ngenxa yezigwebo zamakhadi.
Ukaputeni nomshayi wamaphenathi oqavile, uThapelo Xoki ngeke alithole ithuba lokubhekana neqembu lakhe lakudala, kulandela ukuthola kwakhe ikhadi eliphuzi emdlalweni abawunqobe ngo 7-1 kwiLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo e-Orlando Stadium eSoweto.
UXoki ubengomunye wabadlali abebemelwe ukungalenzi iphutha lokuthola ikhadi kowe-Arrows kodwa lokhu kwenzeka njengoba sekumphoqa ukuthi awubuke nezihlwele owangoMgqibelo.
UNkosinathi Sibisi naye ozobe engekho, wakhishwa ngekhadi elibomvu iPirates ibambana ngo 1-1 neMoroka Swallows ngesonto eledlule.
Umdlalo we-Arrows bekungowokuqala wesigwebo sikaSibisi kanti owoSuthu kuzobe sekungowesibili nowokugcina.
Okubukeka kungaba inkinga kumqeqeshi wePirates, uJose Riveiro wukuthi uXoki noSibisi basemakhadini ngesikhathi esifanayo, u-Olisa Ndah ongomunye wabadlala le ndawo, usenesikhathi engabonakali ngenxa yokulimala.
Akucaci noma lo mdlali wasemuva waseNigeria useluleme ngokugcwele noma cha njengoba kwemibili edlule ebalwe kwabalimele.
Kuwona lo mdlalo we-Arrows kuthinteke kabi uSandile Mthethwa obengenele uXoki.
Yize iPirates ingakaze isho lutho ngoMthethwa futhi eqhubekile nomdlalo kodwa indlela ashayeke ngayo ngeke kwethuse uma nakuyena kutholakala umonakalo.
Lokho kuyobe kumshiya yedwa kwabakwazi ukudlala le ndawo (maphakathi emuva), uThabiso Sesane, obuye ngoJuni nyakenye ekubolekisweni kwi-All Stars FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship.