UBOLEKISWE kweleMotsepe Foundation Championship ukaputeni we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge, obekubhekwe ukuthi aphendlelwe indawo esikimini seDStv Premiership.
UNdumiso Ngiba (21) uhole eZimnyama amasizini amabili kwiDiski Challenge. Kuwona womabili amasizini zehlulekile ukuwina isicoco seligi.
UNgiba ngomunye wabadlali basemuva abashaye into ecokeme ngesizini edlule kwiDiski, okukhona kubona no-Ime Okon osekhushulelwe esikimini esikhulu seSuperSport United.
U-Okon usesikwatini sabadlali abangu-32 seBafana Bafana esibizwe ngumqeqeshi uHugo Broos esizodlala imidlalo yobungani ngenyanga ezayo.
Umqeqeshi wePirates kwiDiski Challenge, uJoseph Makhanya, uveze ukuthi uNgiba ubolekiswe komakoti beChampionship, i-Orbit College esesicongweni se-log. Kwabanye ababolekisiwe kukhona isitobha uSiyabonga Ndlozi nomdlali wasesiswini uSonwabo Khumalo.
"Umbandela esibekelwe wona owokuthi siqale phansi sakhe iqembu. Ngilahlekelwe ngabadlali abangu-11, okuyinto enhle. USonwabo Khumalo ubolekiswe kwiFirst Division, uMofokeng (Relebohile), usesikimini esikhulu, uNdlozi udlala kwiFirst Division.
Kuwumthwalo othwese abaqeqeshi bezigaba zabasakhula ukwenza isiqiniseko sokuthi laba bafana bayathuthuka," kusho uMakhanya.
"UNgiba ukwi-Orbit College. Sinika ithuba lokuqala amaqembu akwiFirst Division. Uma kukhona iqembu elibafunayo, sijwayele ukulinikeza. Ekugcineni akukho mayelana nokuwina kodwa sibheka nokuthuthuka kwabo."
Ngesikimu esisha, iPirates ayikahlulwa emidlalweni emithathu. Isendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa. Esicongweni se-log kuhlezi iRoyal AM esayiwine yomithathu imidlalo kule sizini. Ibambene neSekhukhune United ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
I-Pirates kungenzeka kuphele impelasonto isihlezi esicongweni se-log uma ingacosha amaphuzu amathathu kwiPolokwane City ngeSonto e-AW Muller Stadium, eGoli.
Kudingeka imincele ukuthi i-AM idlale ngokulingana neSekhukhune eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu, ngeSonto.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - Ngo-10am: Richards Bay v Cape Town City (Chatsworth Stadium); Kaizer Chiefs v Stellenbosch (FNB B Field); TS Galaxy v Chippa United (Tsakane Stadium).
Ngo-12pm: Moroka Swallows v Mamelodi Sundowns (Dobsonville Stadium,).
NgeSonto - Ngo-10am: Royal AM v Sekhukhune United (Harry Gwala Stadium); Cape Town Spurs v AmaZulu (UWC Stadium, 1); SuperSport United v Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium); Orlado Pirates v Polokwane City (AW Muller Stadium).