Inkakha yomgadli weKaizer Chiefs, uPatrick Mayo, ithe abaphathi baleli qembu bathathe isinqumo esiphusile ngokuqhubeka nomqeqeshi uCavin Johnson kuze kuphele le sizini ngoba lokhu kuzoqinisa uzinzo oseluqalile ukubonakala selokhu ethathe izintambo.
UJohnson, ojoyine iChiefs ngasekuqaleni kwale sizini ngoSepthemba njengenhloko yenkulisa badlali yaleli qembu, ubanjiswe isikhundla ngo-Okthoba ngemuva kokukhonjwa indlela kukaMolefi Ntseki obeqale isizini.
Kusabalale amahemuhemu ayamanisa iChiefs nabaqeqeshi abehlukene obekuvela ukuthi kuhlongozwa bona ekuthatheni isikhundla sokuqeqesha ngokugcwele kuleli qembu. Kuleli sonto kuvele ukuthi abaphathi beChiefs banikeza uJohnson ithuba lokuqhoqhobala isikhundla kuze kuphele le sizini.
UVina Maphosa, oyinhloko yezokuxhumana kuMakhosi, ukuqinisekisile ukunikwa kukaJohnson ithuba lokuqhubeka nokuqeqesha leli qembu kuze kuphele le sizini.
“Umqeqeshi osabambile nguJohnson, nguyena osazoqhubeka nomsebenzi wokuqeqesha iqembu,” kushaya ngamafuphi uMaphosa.
Nakuba uJohnson ezoqhubeka kuze kusongwe isizini kodwa kuvela ukuthi abaphathi baleli qembu kabamile ekuthungatheni umqeqeshi ozothatha izintambo zokuqeqesha ngokugcwele ngesizini ezayo.
UJohnson kuvela ukuthi angazithola egixabezwa ngalo msebenzi uma iChiefs iqede le sizini iisendaweni enhle kwi-log yeDStv Premiership futhi iwine indebe yeNedbank Cup.
“Ngikholwa wukuthi kube yisinqumo esiphusile ngasohlangothini lwabaphathi beChiefs ukunika umqeqeshi osabambile uJohnson ithuba lokuthi aqhubeke nokuqeqesha iqembu kuze kuphele le sizini.
Selokhu ethathe izintambo zokuqeqesha uyabonakala umehluko, futhi kuyabonakala ukuthi abadlali bayamuzwa. Bazimisele ukumlwela enkundleni okuyinto efiswa noma yimuphi umqeqeshi uma ethatha isikhundla sokuqeqesha eqenjini elinjengeChiefs,“ kusho uMayo.
“Ngakho-ke ukuqasha omunye umqeqeshi ngalesi sikhathi sesizini bekungeke kube ngumqondo ophusile ngoba bekuzophazamisa umgqigqo weqembu ebesiliwuqalile ngaphansi kukaJohnson.
“Kanti-ke futhi ngaphandle nje kokugcina umqeqeshi, okunye okuhle okwenziwe ngabaphathi beqembu ukungasayinisi abanye abadlali ngaleli windi likaJanuwari ngoba nakho lokho bekungawuphazamisa umgqigqo omuhle obusuqaliwe.
“Ukhumbule, iningi labadlali elisayiniswe yiChiefs ngaphambi kokuqala kwale sizini, beseliqala ukuhlangana. Bekungaphazamisa umgqigqo wabo ukusayiniswa kwabanye abadlali.”
Phakathi kwabadlali abasayiniswe ngaMakhosi ngaphambi kokuqala kwale sizini, kubalwa kubona uGiven Msimango, Thatayaone Dithokwe, Mduduzi Mdantsane, Pule Mmodi, Sbongiseni Mthethwa, Ranga Chavaviro, Tebogo Potsane, Edson Castillo, noJasond Gonzalez, obolekiwe.
Emidlalweni eyisikhombisa uJohnson ebambe njengomqeqeshi, iChiefs isanqobe imidlalo emine, yadlala ngokulingana owodwa, yahlulwa kwemibili. Kuyiwe ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon) isendaweni yesithupha kwi-log yeDStv Premiership.
Amakhosi azobuyela ensimini ngemuva kwekhefu le-Afcon ngokubhekana neTS Galaxy kowePremiership, ngoFebhuwari 13, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.