KUBUYE ithemba lokuthi uzokwazi ukuba yingxenye yomqhudelwano omkhulukazi wamaqembu, iFifa Club World Cup, umgadli weBafana Bafana uPercy Tau.
Lo mdlali uwusonge kabi unyaka u-2022 ngesikhathi elimala emsipheni ongemuva kwethanga langakwesokudla, bebhekene ne-Al Ittihad emdlalweni weligi ngoDisemba.
Kulowo mdlalo iqembu lakhe, i-Al-Ahly lase-Egypt, inqobe ngo 3-0, uTau eseshaye igoli lokuqala ngaphambi kokuthi adonseke umsipha. Kwenzeka lokhu nje ubevele eyibhakuzisile inethi emdlalweni owandulela lowo bedla iGhazi El Mehalla ngoDisemba 7.
La magoli aqede isomiso samagoli kwazise ubegcine ngoMeyi ukulibeka enethini ibhola futhi amshiya ehlabeke umxhwele umqeqeshi, uMarcel Koller, owalibeka ngembaba elokuthi kukhulu akulindele kuTau.
I-Al Ahly ibhale kwi-website ukuthi useqalile ukuzilolonga ngoMgqibelo, yize esaqhubeka nezinhlelo eziqondene naye zokululama.
Ukubuya kwakhe kukhuphule ithemba lokuthi uzokwazi ukubamba iqhaza kwiClub World Cup ezoqala ngoFebhuwari 1 eMorocco.
Ngonyaka odlule akazange adlale kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi ubelimele umsipha ngoJanuwari, sekusele izinsuku ukuthi uqale e-United Arab Emirates.
Wayegcine ukugijima kuwona ngo-2016 esekwiMamelodi Sundowns, wavalela igoli lokubika ngesikhathi amaSandawana ebhudluzwa yiJeonbuk Hyundai Motors ngo 4-1.
“Umdlali weqembu elikhulu uPercy Tau, uqalile ukuzilolonga neqembu kancane kancane njengoba esephothula izinhlelo zakhe zokululama,” sifundeka kanje isitatimende esikhishwe yi-Al Ahly kwizisizindalwazi sayo.
“Uqalile ukuzivocavoca neqembu ngemuva kokuthinteka umsipha. Uphinde waqhubeka nokusebenza yedwa ejimini, eqashwe ngu-Mahmoud Hamdi, okunguyena uchwepheshe obhekele nokululama kwabadlali.”
I-Al Ahly ilungisela umdlalo olandelayo we-Egyptian Premier League, lapho izodudulana khona ne-Al-Masry ngoLwesine. Isaqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-12.
Nakuba i-Al Ahly ingebona ompetha base-Afrika kodwa ithole isimemo esikhethekile sokuba yingxenye yeClub World Cup. Elinye iqembu elizomela leli zwekazi ngompetha beCaf Champions League, iWydad, ephinde ibe ngosokhaya.
Amanye amaqembu azibekisele indawo kulo mqhudelwano, yiReal Madrid yaseSpain engompetha base-Europe, iFlamengo yaseBrazil engompetha baseSouth America, iSeattle Sounders FC yase-United States of America, ezomela iNorth America ne-Al Hilal yaseSaudi Arabia ezomela i-Asia, ne-Auckland City yasenew Zealand engompetha be-Oceania.
I-Red Devils izoqala emzuliswaneni wokuqala lapho izotholana phezulu ne-Auckland City. Amaqembu azodlala emzuliswaneni wesibili, azoqhathwa eMohammed VI Stadium, eRabat, ngoLwesihlanu emini.