UHLEKA yedwa uJenet Mbhele, ngemuva kokufakwa esikwatini esizomela elakuleli kuma-IAU 50km azoba ngoNovemba 5, eHyderabad, e-India.
UMbhele odabuka eWhite City, eMzimkhulu, ufakwe eqenjini labasubathi abawu-12. Kuleli qembu, kwabesilisa kukhona uNkosikhona Mhlwakana, Pule Sibeko, noSikhumbuzo Seme baKwaZulu-Natal (KZN).
Abanye abasubathi nguDan Matshaile, uGladwin Mzazi, noRufas Photo. Kwabesifazane kuboshelwe uMakhosazana Mhlongo waseKZN, no-Adele Brookdryk, Galaletsang Mekgoe, Deanne Loubsher noStella Marais.
UMbhele uthe kuthi akandize yinjabulo ngokufakwa esikwatini.
"Kuyangijabulisa ukuthi agcine ebonakalile amagalelo ami. Ukumela izwe lami phesheya kwezilwandle ngakugcina ngo-2019. Ngizosebenza kanzima, ngifuna ukuzakhela igama naphesheya. Okwamanje angikakabi naso isinqumo ngesikhathi okumele ngisenze. Ngiyathembisa ukuthi ngizolibeka kwelinye izinga igama leKwaZulu-Natal. Ngithanda ukubonga nekilabhu yami iXcel Running Club, ngokuhlale ingeseka kuko konke," kubeka uJenet.
Le ntokazi isanda kwenza kahle kwiComrades Marathon, ekubeni bekuyihlandla lokuqala igijima kulo mjaho, yeqa ulayini ngo-6.27.14.
Kweminye imijaho engasekuqaleni konyaka, uJenet uphume indawo yesithathu ngesikhathi esiwu-1:18 kwiBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon. Uphume kweyesine kwiDurban International Marathon ngesiwu-2:37. Wangena endaweni yesibili emjahweni webanga lika-52km, neyesine kwiHarry Gwala Marathon.
UMandla Mngomezulu, oyisikhulu esiphezulu kwiXcel, uthe bayazigqaja ngoJenet. Kabangabazi ukuthi nase-India, ngeke aliphoxe igama labo neleNingizumu Afrika.
"Ngesikhathi sisungula iXcel Running Club eminyakeni emithathu edlule, sasingazitsheli ukuthi izobe seyikhule kanje. Yonke indawo lapho sihamba khona kubatshazwa ukwenza kahle kwayo. NgoJulayi uJenet usanda kusitholela indondo yegolide kwiComades Marathon. Ngikhuluma nje, sinabagijimi abane kumaWorld Athletics Championships.
“Laba ngoTsepo Tshite, Oratile Nowe noTsepiso Masalela baseBotswana noTebello Ramokongoana waseLesotho. Sisanda kuthola izindaba ezimnandi zokuthi uSibusiso Junguza, no-Ayanda Mncube bazomela lesi sifundazwe emidlalweni kazwelonke yeCross-country izoba eGqeberha, e-Eastern Cape," kuchaza uMngomezulu.