UNEPHUPHO lokuvimba esikimini esikhulu se-Orlando Pirates unozinti weseDStv Diski Challenge, uZoey Monyepao, oyindodana yesihlabani somculo, uDJ Cleo.
UMonyepao (18) ukhushulelwe eqenjini leDiski leZimnyama ekuqaleni kwesizini esuka kweleSafa Promotional League. Usevimbe kuyona yomibili imidlalo ngaphansi komqeqeshi uJoseph Makhanya.
Usalilande kanye ibhola enethini ngesikhathi bedlala neKaizer Chiefs emdlalweni wokuvula ophele zibambene ngo 1-1 eMpumalanga. UMonyepao uzothwala amathemba ePirates okuqeda ishobolo leminyaka lokuhlulwa yiligi yeDiski.
Nokho lokhu akukhona bodwa ubunzima obubhekene noMonyepao ofike kwiDiski sekuvele kukhona abambhekile ngenxa yokuba yindodana kaDJ Cleo (Cleopas Monyepao) onguDJ wodumo lwengoma ethi "Es'khaleni" nethi "Facebook".
UCleo ngaphandle kokuduma ngomculo, ngo-2014 wake waba sematheni ethi ufuna ukufeza iphupho lakhe lokuvimba kwiDStv Premiership. Wabonakala eziqeqesha neBidvest Wits kumqeqeshi uGavin Hunt. Wazama inhlanhla nasohlelweni lokuvumbulula abadlali iNedbank Ke Yona kodwa wagcina engaphumelelanga. UCleo uke abonakale ezintini eqenjini elidlalela ukunandisa elibunjwe ngabaculi beHip Hop.
"Ngiyazi ngokuthi ubaba ubuye abe ngunozinti. Lokho kungokunye okwenze nami ngibe ngunozinti. Uma usemncane ubukela kubazali bakho. Ngakho ngikholwa ukuthi uyena ongenze ngathanda ukuvimba njengoba sengilapha manje. Ngiyakuthokozela kakhulu ukudlala le ndawo. Ngiphila iphupho lami, hhayi elikababa. Naye wasithola isikhathi sakhe. Nami ngifuna ukuzenzela igama lami," kusho uMonyepao.
Nakuba abanye bengacabanga ukuthi ufike kweZimnyama ngenxa yokuthi uzalwa ngusaziwayo kodwa uzibona evuna izithelo zokuzinikela nokusebenza kanzima.
"Ngicabanga ukuthi ukudlala kahle kwami kwi-SAB League yikhona okwenze kwangifanela ukunyuselwa phezulu. Ngibheke ukuqhubeka nokwenza kahle lapha ngikhiphe konke enginakho enkundleni ukuze ngisize iqembu. Iphupho lami wukudlala esikimini esikhulu. Kodwa okwamanje ngigxile ekutheni siwine iligi neqembu leDiski," kusho uMonyepao.
Uma ubuka iPirates idlala akuthathi isikhathi ukubona ikhono lalolu nkonko ezintini. Ubuhlakani nokudlulisa imiyalelo kozakwabo kumenza ahluke kontanga yakhe abaningi abadlala kulesi isigaba. Uthe akakuxwayi ukuba semehlweni abantu.
"Ngenhlanhla ngikhulele kulo udumo. Singabantu siyazijwayela izinto. Ngakho nami ngilujwayele. Angilunaki. Nginabantu abahle abangizungezile, abahlala bengiyala ngokuthi ngingalunaki udumo. Ngiyazama ukungakunaki nokubi, nginake okuhle. Ubaba uhlala engitshela ukuthi ngigxilise umqondo wami entweni engiyenzayo," kusho uMonyepao.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
NgoMgqibelo: Chippa United v Cape Town City (Wolfson Stadium, 9.30am); Golden Arrows v Polokwane City (Chatsworth Stadium, 10am); Orlando Pirates v Moroka Swallows (AW Muller Stadium, 10am); Sekhukhune United v AmaZulu (Isak Steyl Stadium, 10am).
NgeSonto: Mamelodi Sundowns v Richards Bay (Lucas Moripe Stadium, 10am); Cape Town Spurs v Royal AM (UWC Stadium, 10am); Kaizer Chiefs v SuperSport United (Dobsonville Stadium, 10am); Stellenbosch v TS Galaxy (Idas Valley Sports Complex, 12pm).