Kubukeka sengathi kuya ngokuthi ungubani kwiPremier Soccer League (PSL), uma kukhulunywa ngabaxhasi bamaqembu adlala kuyona ngoba kungathi ayifani imithetho elandelwayo uma bevunywa noma bephikiswa.
Lona wumbono osematheni wabalandeli bebhola laseNingizimu Afrika, abawuveza ezinkundleni zokuxhumana kusukela iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, bekhiphe izitatimende ngokwahlukana ngoLwesine ntambama, lapho bememezela khona abaxhasi babo abasha iSuperSportBETza.
ISuperSportBETza okuyinkampani yokugembula iqale ukusebenza ngokusemthethweni ngoJanuwari 5.
“Inhloso yokuxhasa izinkunzi zaseSoweto, ukwakhela abalandeli ingqayizivele yethuba abangakaze balithole, lokubhejela imidlalo,” ngokusho kwesitatimende sakwaSuperSportBETza esikhishwe izolo, ezinkundleni zokuxhumana.
Obekwenza bashaye amakhala abaphawulile ngodaba emakhasini ala maqembu ezokuxhumana lapho ebememezela ubudlelwano obusha, yingenxa yomlando wamaqembu anjengeCape Town City, neMoroka Swallows muva nje, okuvele ukuthi inqatshelwe yiPSL ukusayina nabaxhasi ngoba kuthiwa kuphambana nemigudu yeligi.
Imibiko iveze ukuthi iGoldrush okuyinkampani yokugembula, ibihlela ukuxhasa iZinyoni kodwa kwabhuntsha ngenxa yemigomo ethile.
Ngo-2017, kwasuka esinamathambo phakathi kweCape Town City, nePSL kwaze kwafakwana enkantolo ngoba kubangwa isivumelwano, seqembu likaJohn Comitis, nenkampani yaseBulgaria yokubhejela imidlalo, iSportPesa.
Kwavela ukuthi okwakubangwa ukuthi iCity iqede konke nabaxhasi abathinteka kwezokubhejelwa kwemidlalo ngaphandle kwemvume yeligi.
Ngaleso sikhathi, iPSL yathi kunesivumelwano (esasithathwe amaqembu ayo eminyakeni eyishishiyagalombili edlule), lapho kwakuvunyelwene ngokuthi uma iqembu lithola abaxhasi abasemkhakheni wokubhejelwa kwemidlalo, kuzoqale kuhlalwe phansi ukuze iligi ibahlaziye kabanzi.
Sekungumlando ukuthi ukuklwebhana phakathi kweligi neCity kwadonsa unyaka wonke kodwa uComitis waqinisa ikhanda njengoba enzile futhi nangesikhathi iPSL imzama ngabaxhasi beFNB abathole ngo-2022.
Ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024, iLamontville Golden Arrows imemezele inkampani yezokubhejelwa kwemidlalo i-10Bet, njengabaxhasi bayo bamasizini amathathu ngaphandle komsindo.
Bakuqaphelile lokhu abalandeli bakanobhutshuzwayo bakuleli baliveza ilaka labo kodwa akukho okuke kwashiwo yiPSL ngokuthi iyiphi imigomo elandelwayo uma amaqembu esayina nezinkampani azozixhasa. Phambilini kwavela nokuthi iSwallows yashweba ukuxhaswa yiTelkom ngoba kuthiwa kuyashayisana kwazise iPSL ixhaswe yiMTN.
Muva nje usihlalo weSwallows obesematheni ngenxa yokwentuleka kwezimali uDavid Mogashoa, usanda kucashunwa kwabezindaba echaza ngokushwetshwa kwabo abaxhasi bakwaGoldrush (abagxile kwezokubhejelwa kwemidlalo nokunye okuningi).
Ngokusho kukaMogashoa ubese evumelene ngakho konke nabakwaGoldrush kodwa inkinga yaba sekutheni le nkampani kukhona imigomo yePSL engahambisani nayo yagcina ihoxisa.
Lokhu kukuveza obala ukuthi ikhona imigomo yePSL okumele ilandelwe kodwa okucaca ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abalandeli ayibasuthisi eyokuthi abanye baxhaswa izinkampani zokubhejelwa kwemidlalo kodwa kwabanye lokhu akuvumelekile.
“Kusobala ukuthi kudingeka ubuholi obusha ebholeni lakuleli ngoba kuqale i-Arrows manje sekuyizinkunzi zaseSoweto nabaxhasi bezinkampani zokubhejelwa kwemidlalo,” ubhale kanje u-@Sir_Dupry ekhasini lakhe le-X.
“Kubi lokhu ngoba iSwallows inqatsheliwe yona abaxhasi,” kubhala u-@Kagistoro ku-X, kwananela, u-@ndosim ngokuthi: “Sithule nje siyabuka.”
U-Irvina khoza ongusihlalo wePirates, esitatimendeni esikhishiwe izolo ngoxhaso uphawule, wathi: “Lo mshado uwubufakazi bokuzinikela kwabo bonke abayingxenye yawo ukwenzela abalandeli ithuba elingandile lokubhejela imidlalo.”
Umqondisi weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jnr, uthe: “Siswele amaphiko ngenxa yenjabulo ngalo mshado ovula amathuba okulikhuphula izinga ngokuxhumana kwethu nabalandeli.”
Iphunzile imizamo yayizolo yokuthinta ummeli wePSL, uMichael Murphy, kwazise ucingo lwakhe belungangeni. Ukuze achaze ngemithetho ebekiwe ngezinkampani ezingakwazi ukuxhasa amaqembu.