UMDLALO wamanqamu weCaf Women’s Champions League uzofana nempinda yeWomens Africa Cup of Nations (Wafcon) njengoba iMamelodi Sundowns Ladies yaseNingizimu Afrika izobhekana ne-AS FAR yaseMorocco engosokhaya.
AmaSandawana afinyelele kowamanqamu ngokudla iSimba Queens yaseTanzania ngo 1-0 ngoLwesithathu ebusuku. I-AS FAR ikhiphe iBayelsa Queens yaseNigeria ngomphumela ofanayo.
Umdlalo wamanqamu useStade Moulay Abdellah eRabat ngeSonto ngo-9 ebusuku, okuyinkundla lapho iBanyana inqobe khona ngoJulayi.
NgoJulayi nonyaka iNingizimu Afrika neMorocco badudulana kowamanqamu weWafcon, kwanqoba iBanyana ngo 2-1 yakwazi ukuphakamisa le ndebe okokuqala emlandweni.
Njengoba kwakwenzekile kwiWafcon, lo mqhudelwano wamaqembu nawo udlalelwa eMorocco, okusho ukuthi i-AS FAR iyona ezobe inabalandeli uma la maqembu esedudulana ngeSonto.
ISundowns iyinqobe yonke imidlalo yamaqoqo ngaphambi kokungena esigabeni somkhumulajezi. Umgadli uBoitumelo Rabale, oshaye igoli eligobe uphondo lweSimba, uyajabula ngokuthi basayibambe ngako njengoba behlose ukuvikela isicoco abasinqobe e-Egypt nyakenye.
“Ngifuna ukulishayela ihlombe iqembu lonke ngokukhombisa ukuqina ngokomqondo. Sibhekane nobunzima, bekungelula neze ukuthi sifinyelele lapha,” kusho uRabale ephawula kwabezindaba ngemuva kokukhipha iSimba.
“Sisebenze ngokubambisana silwela ukuvikela isicoco sethu futhi sisahamba kahle. Ngifuna nje ukuthi sinqobe ukuze indebe ibuyele ekhaya.
"Leli bekuyiqembu elinzima kunawo wonke esike sabhekana nalo selokhu kuqale lo mqhudelwano. Ngijabule ngokukhethwa njengomdlali ovelele nokusiza iqembu lami ukuthi lifinyelele kowamanqamu."
Umqeqeshi weSundowns, uJerry Tshabalala, uncome abadlali bakhe ngokukwazi ukushintsha izinto kwazise iSimba ibibophe itulo eliqinile lokubavimba.
"Kumele ngibonge abadlali bami kanye nethimba labaqeqeshi ngokufeza ebesifuna ukukuzuza, obekuwukunqoba umdlalo siye kowamanqamu. Kunezikhathi lapho bengibona sengathi uma siligcina ibhola izinto zizosihambela kahle,” kusho uTshabalala.
“Sidlale kabi ngesiwombe sokuqala kodwa senza kangcono kwesesibili. Sibonile ukuthi emizuzwini engu-20 yokugcina abadlali beSimba baqale ukukhathala nokuyilapho siwuphathe khona umdlalo.
“Umqeqeshi weSimba ubesihlelele kahle wavala nabadlali abathathu ohlangothini lwethu lwesokunxele, engikholwa wukuthi yilona oluqine kakhulu. Kuthe uma siqala ukuphaselana ibhola sathola izikhala ezingcono zokudlala. Ngiyaziqhenya ngabadlali bami."
UTshabalala ukhulume nabezindaba ngaphambi kokuthi i-AS FAR ihlule iBayelsa Quuens kowandulela owamanqamu wesibili. Ebuzwa ukuthi yiliphi iqembu ancamela ukudlala nalo kowamanqamu uqoke iqembu lasekhaya, okusho ukuthi isifiso sakhe sifezekile.