IKWAZU-NATAL Athletics (KZNA) inezinhlelo zokufaka isicelo sokuba iDurban International Marathon ibalwe ohlwini lwemijaho engaphansi kweWorld Athletics Elite Label.
Lokhu kuvele engxoxweni ekhethekile noMandla Mngomezulu oyisekela likaSteve Mkasi kwesokwengamela iKZNA, obeqinisekisa futhi eveza injula yenjabulo yabo ngokufakwa kwalo mjaho kwiWorld Athletics Label Events okuyisigaba sokuqala.
“Eminyakeni emibili ezayo sizophinde sifake isicelo se-Elite Label. Inhloso yethu wukufika kwiPlatinum Label,” kusho uMngomezulu.
“Okokuqala, sisizwe ngukuthi umzila weDurban International wakalwa waphinde wahlolwa nguMike Rook oneLicence yeWorld Athletics.
“Okwesibili, bekudingeka ukuthi lo mjaho ugijinywe iminyaka emibili kulandelana ngempumelelo.
“Okunye, kube yizikhathi ezinhle ezigijinywe kowalo nyaka. SiyiKZNA sijabule ngendlela eyisimanga.
“Ukuthola lesi sitifiketi kusho ukuthi abagijimi bakuleli ngeke besaya phesheya ngenhloso yokuyokwenza izikhathi ezinhle ukuzibekisela emijahweni nasemiqhudelwaneni emikhhulu.”
Mayelana nokuthi kusho konke lokhu, uthe:
“Kusho ukuthi uma kukhona umsubathi ophula irekhodi lomhlaba kulo mqhudelwano, iWorld Athletics izolenza libe semthethweni.
“Njengoba ngonyaka ozayo kuyiwa kumaWorld Athletics Championships, eHungary, abasubathi bethu bazokwazi ukuhlunga ngeDurban International.”
Eyangonyaka ozayo ingoMashi ungoMashi 12.
Ukusungulwa kwalezi zigaba zokuhlonishwa kwemijaho, kwaqala ngesizini ka-2008, iWorld Athletics isaziwa nge-IAAF.
Esokuqala ngesitholwe yiDurban International, esesibili ngeseWorld Athletics Elite Label, esesithathu eseGold Label bese esikhulu kunazo zonke kube ngesePlatinum Label.
Nakuba kuhlukile okudingeke kulezi zigaba ngokwahlukana kodwa okuthi akufane ukuthi kuzo zonke kudingeka izikhathi ezinhle.
Okunye, kumele kube nemali ethile yokuhlola izikhuthazimzimba ezingavumelekile emizimbeni yabagijimi.
Ima kanje le mali -R44, 454 kwesitholwe yiDurban International, kwi-Elite Label R160, 256 kwiGold Label R356, 030 bese kwiPlatinum Label R890,378.
Kumele kudlule iminyaka emibili njalo ukubhalisela isigaba esilandelayo.