ABADLALI beTS Galaxy bazothola ithuba lokungcweka nezinkunzi zamaqembu ase-Europe njengoba kuvela ukuthi leli qembu likaTim Sukazi lizoba nekhempu eTurkey.
UMinenhle Mkhize okhulumela iThe Rockets, wazise leli phephandaba ukuthi le khempu izoqala ngoDisemba 3, isongwe ngoDisemba 18.
Uthe kube ngumbono womqeqeshi uSead Ramovic waseGermany, ukuthi iqembu labo liyobamba ikhempu kuleliya lizwe.
UMkhize uveze nokuthi i-UC Sampdoria edlala kwiSeria A, e-Italy, nayo izobamba ikhempu kuleliya lizwe futhi isikuqinisekisile ukuthi izobhekana nezikaRamovic ngoDisemba 11, eCalista Training Centre, esifundazweni i-Antalya, eNingizimu esentshonalanga neTurkey.
"Lisisize kakhulu leli khefu leNdebe yoMhlaba. Inhloso ngale khempu wukuthi abadlali bethu kwiGalaxy bazibonele ngawabo amehlo indlela amaqembu ase-Europe adlala ngayo nanokuthi azenza kanjani izinto nangaphandle kwenkundla,” kusho uMkhize.
“ITurkey ingenye ilizwe elineligi ekhula ngendlela eyisimanga. Okunye ukuthi kunabadlali bethu abaningi ababe wusizo ngenxa yokudlala khona.”
ISampdoria ilele endaweni yesibili uma kusukwa emsileni kwiSeria A, ngamaphuzu ayisithupha.
UMkhize uthe basalinde iFenerbahce neGalatasaray, okuyizinkunzi zakwiSuper Lig yaseTurkey, nazo ziqinisekise.
“Ngale khempu sihlose nanokukhulisa igama lenkampani. Vele siyiqembu elihlale liqopha umlando. Kasifuni ukuthi abadlali bethu bagcine ngokuphelela emaqenjini esizwe, sifuna bathole nethuba lokuyodlala phesheya,” kusho uMkhize.
IFenerbahce iseqhulwini kwiSuper Lig ngamaphuzu awu-29 bese iGalatasaray ibe kweyesibili ngawu-27. Phakathi kuka-1997 kuya ku-2001, umufi, uJohn "Shoes" Moshoeu ushayele iFenerbahce amagoli awu-15, emidlalweni ewu-75.
Kuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba iGalaxy ilele kweyesi-12, ngamaphuzu awu-13 kwiDStv Premiership.
Emidlalweni engu-12, isanqobe emibili kuphela, yadlala ngokulingana kweyesikhombisa, yadliwa kwemithathu.
KwiDStv Premiership izobuya ngoweMaritzburg United, ngoDisemba 30, eHarry Gwala Stadium.
Phakathi kwabanye abadlali bakuleli abadlale eTurkey, kubalwa uHelman Mkhalele, Alfred Phiri, Steve Komphela, Dumisa Ngobe, Godfrey Sapula, Ace Khuse, Tukelo Rantie, May Mahlangu noLebogang Manyama.