UKYLIAN Mbappe uhole iFrance ngamagoli amabili ibhala kabusha umlando idlulela emzuliswaneni wamaqembu angu-16 kwi-2022 Fifa World Cup, eStadium 974 ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli amabili eFrance ashaywe ngumgadli weParis Saint Germain (PSG), uMbappe.
IFrance iseQatar ngaphansi kwamehlo amaningi kwazise isemgangathweni wokuvikela iWorld Cup.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli lizwe yilo elingompetha bomhlaba emuva kwesicoco elisiqukule ngo-2018 eRussia.
Edla iDenmark uMbappe, akagcinanga ngokubasela amagoli amabili kodwa ufice nerekhodi lensephe yangakubo, uZinedine Zidane oyibambe endaweni yesikhombisa kubahlohlimagoli abahamba hambili kuleliya lizwe.
Kuvele ukuthi kugcine ngo-1974 ukuthi ompetha beWorld Cup badlulele esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano.
Labo mpetha kwakuyiBrazil nokho egcine ingasivikelanga isicoco kwazise sathathwa yiWest Germany, eyaphucwa yi-Argentina ekhaya ngo-1978.
Amagoli kaMbappe akhombise ukuthi kuningi asazokwenza kwiWorld Cup kwazise udlala okwesibili kulokhu kanti useneminyaka engu-23 kuphela.