IMAMELODI Sundowns iyiqede ngenothi eliphezulu imidlalo yesigaba sokugcina samaqoqo eCaf Champions League, ishaya iCoton Sport, yaseCameroon ngo 2-1 eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane, ngoMgqibelo ebusuku.
ISundowns ebisivele izibekisele indawo kuma-quarterfinal eChampions League, ngaphambi kwalo mdlalo, ize kuwo ngenhloso yokwenza isiqiniseko sokuqeda ihlezi ngokunethezeka esicongweni seGroup B, njengoba iqede inamaphuzu angu-14 ingazange ishaywe.
Ilandelwe yi-Al Ahly yase-Egypt yona eqede endaweni yesibili ngamaphuzu angu-10 kulandela ukubhaxabula kwayo i-Al Hilal yaseSudan ngo 2-0 ngawo uMgqibelo, eCairo, e-Egypt.
Ngakolunye uhlangothi iCoton Sport ibe yiqembu elingumtapo wamaphuzu esigabeni samaqoqo, njengoba ize kulo mdlalo isizogcina icala kwazise ayitholanga nelilodwa iphuzu emidlalweni eyisithupha edlaliwe kwiGroup B. Kowomlenze wokuqala yashayelwa ekhaya yiSundowns ngo 3-1.
Igoli lokuqala leSundowns lingene ngesiwombe sokuqala sekusele imizuzu embalwa ziye ekhefini, kuba ngumkhonto ogwaze ekhaya, isitobha seCoton Sport, uSylvestre Mekong, ezama ukususa umhlola ekhaya walibhajiswa ezintanjeni ngomzuzu ka-43 kade kuyibhola ebeligotshwe wuTerrence Mashego ngakwesokunxele.
Elesibili livalelwe phakathi wu-Abubeker Nassir ngemizuzu yokugcina njengoba elinamathisele ngomzuzu ka-85, nobesekuyigoli lesibili lalo mdlali wase-Ethiopia ojoyone iSundowns ngaphambi kokuqala kwesizini.
EleCoton Sport lokubika ekhaya lishaywe wuMoshood Kasali ngomzuzu ka-90 sekusele kancane kukhale impempe yokuphela komdlalo.
ISundowns njengoba isivele iyiphethile imbenge esigabeni samaqoqo, imane yabophela isikimu esibunjwe ngeningi labadlali abangajweyele ukuthola ijezi okubalwa kubona uNassir, uSifiso Ngobeni, u-Abdelmounain Boutouil, uThabiso Kutumela, noMashego ojoyine leli qembu ngoJanuwari esuka kwiCape Town City nobekungumdlalo wakhe wesibili lo egqoke ijezi lamaSandawana.
Kanti uNtandeyonkosi Nkosi osanda kukhushulelwa esikimini esikhulu esuka eqenjini leDiski Challenge, udlale umdlalo wakhe wesibili njengoba engene esuka ebhentshini umdlalo usuyophela.
AmaSandawana nezimbangi zawo i-Al Ahly sebezolinda ukuqhathwa kwamaqembu azodlana imilala esigabeni esilandelayo sama-quarterfinal.