IKAIZER Chiefs ayizimisele ngokutheneka amandla kulandela inkulumo yomqeqeshi weqembu lesizwe, iBafana Bafana, uHugo Broos, otshele abezindaba ukuthi abadlali baleli lasePhefeni abakabi ezingeni lokubizelwa eqenjini lesizwe.
UBroos ukusho lokhu ngoLwesithathu ngemuva kokuthi eshiye ngaphandle abadlali beChiefs uPule Mmodi, Sifiso Hlanti noGiven Msimango ngesikhathi eqoka abangu-23 abazodlala eyobungani neNamibia neDR Congo kule nyanga. Laba badlali bebeseqenjini labangu-36 abelimemezele phambilini.
Lo mqeqeshi ongagwegwesi ngemibono yakhe, ingxenye yempendulo yakhe, ithe: “iChiefs kumele yenyuse izinga ngoba uma ngibuka imidlalo yayo, bengiwubukele owangoMgqibelo (odlule). Ngiyaxolisa ukusho kodwa okwamanje akekho umdlali ofanelwe ukuba oweBafana Bafana.”
Umdlalo abekhuluma ngawo uBroos oweDStv Premiership lapho Amakhosi enqobe okokuqala kwiligi, ehlula AmaZulu ngo 3-0.
NgoLwesithathu leli qembu likaMolefi Ntseki, lilandelise ngamanye amaphuzu amathathu elingazange liwathole kalula lehlula iStellenbosch ngo 2-0.
Abezindaba bamhlomile uNtseki umbuzo ngokushiwo uBroos ngabadlali bakhe.
“Ngeke isidikibalise indlela okubona ngayo umqeqeqshi weBafana Bafana, uHugo Broos, otshele abezindaba ukuthi imbangela yokungabibikho kwabadlali beKaizer Chiefs esikwatini sakhe sakamuva, ukuthi, okwamanje akekho kubona osezingeni lokudlalela iqembu lesizwe,” kusho uNtseki.
Uthe kumqoka ukukhombisa wonke umuntu ukuthi iChiefs inabadlali abaseqophelweni eliphezulu.
“Akuyona into engadikibalisa abadlali bami leyo kodwa esifuna ukukwenza ukukhombisa, hhayi uBroos kepha wonke umuntu ukuthi siyiqembu elinabadlali abaseqophelweni elifanele. Ukushiywa ngaphandle kwiBafana kwabadlali beChiefs isinqumo somqeqeshi weqembu lesizwe. Unelungelo lokwenza ngendlela abona ngayo.
“Asikho isidingo sokuphikisana noBroos ngoba asazi ukuthi yini yena ayifuna kumdlali kwazise akakaze asihlalise phansi asichazele ukuthi yini edingeka kumdlali ukuze aqokelwe kwiBafana. Uma kungukuthi uBroos ubona sengathi abadlali beChiefs abakufanele ukudlalela iBafana kulungile, okuyinto eyishwa ke nokho,” kuphetha uNtseki.