I-KAIZER Chiefs inqume ukuthi lingaphinde ligqokwe ijezi elingunombolo 26 obekungelikaLuke Fleurs, odlule emhlabeni ngoLwesithathu elwedlule ngemuva kokudutshulwa, edunwa imoto, eGoli.
Lokhu kudalulwe uJunior Motaung oyiSporting Director kwiChiefs, enkonzweni yesikhumbuzo salo mdlali ebeseFNB Stadium eGoli izolo.
Le nkonzo ebinesizotha, ibihanjelwe abadlali bamaqembu ehlukene, abaqeqeshi, abalandeli nabobonke abebesuka kwizinhlaka ezahlukene zempilo.
Ukushona kukaFluers eneminyaka ewu-24 kuthinte izinhliziyo ngisho nangaphandle kwakuleli. UThabiso "TT" Thema obephethe uhlelo, ufunde izincwadi zamazwi enduduzo ebezibhalwe uYasser Al Misehal ongumengameli weSaudi Arabian Football Federation (Saff) nekaPatrice Motsepe owengamele eConfederation of African Football (Caf). ITownship Rollers yaseBotswana nayo ithumele awayo amazwi okukhalisana neChiefs nomndeni.
UBuntu FC lapho kukhulele khona uFluers budlulise amazwi enduduzo emndenini ngomlomo kaCasy Prince oyisikhulu esiphezulu.
Abanye abathumele amazwi enduduzo, umengameli weFifa, uGianni Infantino, Danny Jordaan weSouth African Football Association (Safa) neBotswana Football Association (BFA).
Zonke izikhulumi kule nkonzo ziqhakambise ukumamatheka obekuhlale kubonakala kuLuke ozalelwe Mitchell's Plain, eCape Town.
Iningi lithe lizomkhumbula ngamahlaya, ukungayifihli imizwa yakhe. UBrandon Peterson ongunozinti weChiefs, uveze ukuthi uLuke ubenesisho esithi " Ungazenzi into ongeyona empilweni ngoba uzokwenza amaphutha.“
UJunior oye phambili ephelezelwa, imenenja, uBobby Motaung, uCavin Johnson ongumqeqeshi weChiefs namaphini akhe, nabadlali, uthe isinqumo sokuthi lingaphinde lisetshenziswe ijezi elingunombolo 26 sithathwe usihlalo waMaKhosi, uKaizer Motaung.
"Ukwenza isiqiniseko sokuthi uLuke akaphumi emiqondweni yethu, usihlalo uthathe isinqumo sokuthi lingaphinde lisetshenziswe ijezi lakhe elingunombolo 26. Lokhu akwejwayelekile. Kodwa ngenxa yaleli sosha, isikhungo sethu sikholelwa ekutheni kumele sikwenze lokhu. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi imisebenzi yakhe emihle ayikhohlakali. Kumele abantu bazi ukuthi kwakunoLuke owayegqoka unombolo 26," kubeka uJunior othembise umndeni wakwaFleurs ukuthi bazohlale beweseka.
UFluers ujoyine Amakhosi ngo-Okthoba, esuka kwiSuperSport United lapho egqame khona kakhulu eyibamba emuva. Ubulawe engalitholi ithuba lokugijima umdlalo osemthethweni nezaseNaturena.
Uyise walo mdlalo, uTheodore Fluers, uchaze indodana yakhe njengebiyikhethelo.
UFluers usukumiswe ngengoma kaBob Marley ethi Baffalo Soldier.
"Bengihlale ngitshele unina kaLuke nogogo wakhe ukuthi uyingane ehlukile. Eneminyaka emine ubedlala nabaneyisishiyagalolunye kuya phezulu. UbewuMessi omncane. Kuyintokozo ukuthi udlule emhlabeni eselifezile iphupho lakhe lokudlalela iChiefs," kuchaza uFleurs omdala.
Uqhube wathi bebenamaphupho abebefuna ukuwafeza nendodana yakhe. Elinye lawo bekuwukuthi amtholele abazukulu abangamawele, eveza ukuthi unina (ozala oyise) uyiwele.
Ubonge imithandazo namaphoyisa ngokubanjwa ngokushesha kwabasolwa ababulale indodana yakhe.
“Ngesikhathi ngizwa ukuthi imoto yakhe itholakele, ngajabula ngaxhuma ngangakwazi ukuzibamba ngibona ukuthi sekuyasasondela. Kuthe izolo (ngoLwesithathu) sengizwa ukuthi izigilamkhuba zibanjiwe ngimane ngaphela. Bengingazi ukuthi lesi simo sizongilethela imizwa ehlukene kanjena.”
UJessica Motaung oyiMarketing Director kwiChiefs noDavid Notoane owayeqeqesha uLuke eqenjini le sizwe lika-Under 23, bacele abaholi baleli zwe ukuthi balwe nobugebengu. Ezinye izikhulumi kube uGlyn Binkin obeyimenenja yomdlali noJesse Donn abebedlala naye kwiSuperSport United.
Lo mdlali uzofihlwa ngo-Ephreli 20 eCape Town.