Kaizer Chiefs (0) 1 - Mamelodi Sundowns (0) 1
IKAIZER Chiefs iyilahle ekugcineni ivumela iMamelodi Sundowns iyibambe ngo 1-1 emlenzeni wokuqala wowandulela owamanqamu eMTN 8 obudlalelwa eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ntambama.
Ifomu yakamuva yawo womabili la maqembu yiyo kanye ebidale isasasa nokulangazelela ukubona lezi zinkunzi zihlabana amalunda.
Ngesiwombe sokuqala iChiefs ibixosha izithunzi njengoba iSundowns kuyiyona ebikhonya izenzela umathanda ngebhola, nokuze kwaphela kwayiwa ekhefini iChiefs ingafikanga nakanye emapalini eSundowns.
Ngisho nesikhwishikhwishi uPule Mmodi, osefomini kulezi zinsuku, akalibonanga elidlalayo kulo mdlalo ebevalelwe ebhodleleni elincane u-Aubrey Modiba.
Naphezu kokuba phezulu kwayo ngomdlalo iSundowns kodwa ihluleke ihlulekile ukugqobhoza udonga lweChiefs, njengoba libe linye kuphela ibhola elibi elivinjwe ngunozinti weChiefs, uBrandon Peterson ngomzuzu ka-37 echiliza inguzunga yeshodi ebidedelwe nguLucas Ribeiro ngaphandle kwebhokisi.
Kanti-ke futhi nokulimala kukaThemba Zwane owenza izinto zenzeke ekuhlaseleni, kuphoqe iSundowns yenze uguquko obelungahlelwanga, endaweni yakhe kwakhena uLesiba Nku.
Kucacile ukuthi ithimba labaqeqeshi leChiefs eliholwe nguMolefi Ntseki libone kunesidingo sokuqhamuka neqhinga elihlukile ngesiwombe sesibili, nokungamangazanga ukubuya esiwombeni sokuqala seyihlome ngomgadli omusha uJasond Gonzales othathe indawo kaMduduzi Mdantsane.
Nebala ngesiwombe sesibilli iChiefs ikhombise ukuba yiqembu elingcono kakhulu kunangesiwombe sokuqala, njengoba ibisikwazi nokuya phambili ihlasela.
Ukuhlasela kwayo kugcine kugcine kuthele izithelo njengoba kuthe ngomzuzu ka-60 u-Edson Castilo waba yiqhawe engqomfela phakathi ngekhanda ibhola ebeligotshwe wu-Ashley Du Preez.
Nakuba iSundowns ibuyile ngemuva kokungenelwa ihlasela ihlaselile, kodwa ibihluleka ukuthola elokulinganisa ngisho seyenze izinguquko ezinqala ifaka isikwhishwikhwishi somdlali uJunior Mendieta ongene endaweni kaNeo Maema.
URibeiro nguyena ocishe watholela iSundowns elokulinganisa ngomzuzu ka-66, kodwa wala ukhasha uPeterson obe nomdlalo omuhle ezintini.
Kodwa ukuhuqa ubuthongo kwabadlali basemuva beChiefs kuholele ekutholeni kweSundowns igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-93 wesikhathi esengezwe ngunompempe, uKhuliso Mudau engqomfela phakathi ngekhanda ibhola ebeligotshwe wuMendieta.
Ayikapheli nokho eyaMakhosi namaSandawane njengoba zisazophinda zidudulane kowomlenze wesibili ngoSepthemba 23, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.