IKAIZER Chiefs ithole ithuba lokubuyisa izinduku itomula iMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weMTN8.
Amakhosi, athelwe isibhaxu sika 2-1 koweligi ngamaBrazilians ngesonto eledlule, azoqala ekhaya kowandulela owamanqamu eWafa Wafa oyimilenze emibili.
Komunye owandulela owamanqamu, i-Orlando Pirates izoqala eKapa iyobhekana neStellenbosch FC nabo badlalile koweligi, kwanqoba iStellies ngo 1-0.
IChiefs ingene kowandulela owamanqamu ngemuva kokushaya iCape Town City ngo 2-1 seliyoshona ngeSonto ntambama. ISundowns iguqise iSwallows ngo 1-0 kwathi iPirates yadedela isibhaxu sika 5-0 kwiSekhukhune United.
IStellies kudingeke ukuthi ifinyelele esikhathini esengeziwe ukuze ikhiphe iSuperSport United kuma-quarterfinal, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngeSonto ebusuku.
Igcine iwezwe yigoli lika-Andre De Jong. Enkundleni, Amatsatsantsa yiwona ahlasele kuqala kodwa ishodi likaSiphesihle Ndlovu laphuma phezu kwepali ngomzuzu wokuqala umdlalo uqalile.
Ithuba elicacile leStellies lokushaya igoli liwele uDevin Titus engqofa ibhola eligotshwe nguKgaogelo Sekgota ngomzuzu ka-34 kodwa walibamba unozinti weSuperSport, uWashington Arubi.
Esiwombeni sesibili, iSuperSport iqhubekile nokuhlasela kodwa ihluleka uma isifike phambili. Empeleni bekuyisifo esifanayo nakwiStellenbosch edlale okokuqala kwiWafa Wafa. Izinguquko ezenziwe ngabaqeqeshi nhlangothi zombili azithelanga zithelo, kwagcina kuyiwe esikhathini esengeziwe. Ngomzuzu ka-100 uDe Jong ungqofele phakathi ikhona kaFawaaz Basadien.