Cape Town City (1) 1
Kaizer Chiefs (1) 2
IKAIZER Chiefs kufanele wukuthi ikhulise ithemba kubalandeli bayo lokunqamula indlala yezinkomishi ngesikhathi inqoba ngo 2-1 kwiCape Town City emdlalweni we-quarterfinal yeMTN8 edlalwe ngeSonto ntambama, e-Athlone Stadium, eKapa.
Kufanele ukuthi lo mphumela ubashiye behleka bodwa abaxhasi balo mqhudelwano njengoba ukunqoba kweChiefs kuqinisekise ukuthi womathathu amaqembu athathwa njengamakhulu asasele kwiMTN8.
Ijoyine omakhelwane bayo baseSoweto, i-Orlando Pirates nezimbangi zasePitoli, iMamelodi Sundowns, abangene kowandulela owamanqamu ngokunqoba imidlalo yabo ngoMgqibelo.
Inkundla ivulwe uMarc van Heerden weCity, ngegoli alingqofele enethini esiwombeni sokuqala kwalinganisa, u-Ashley du Preez kusona lesi siwombe ngaphambi kokuthi, u-Edson Castillo, aphethe umcimbi ngalishaye umdlalo usesikhathini sikanompempe.
Isikimu esiqale umdlalo weChiefs sikhombise umqeqeshi, uMolefi Ntseki ubezimisele ngokuthi anqobe nakanjani. Ibinkulu ingcindezi kuyona kwazise ezakhe bezingakanqobi emidlalweni emibili yeligi.
Nangempela iChiefs yiyona eqale ngomfutho futhi kusobala ukuthi uTebogo Potsane, Pule Mmodi noMduduzi Mdantsane obebhekene neqembu lakhe elidala bebenikwe igunya lokukhululeka.
Yize bekucaca ukuthi iChiefs iyakhonya kodwa bekugqamile nokuthi kufanele yehlise umoya uma ihlasela ngoba ibitholakala isemhlabeni ongafanele amahlandla amaningi, esiwombeni sokuqala.
Kungalindelekile, amaCitizens azithole esehamba phambili ngegoli elingqofelwe enethini uVan Heerden ngomzuzu ka-23 kade kuyikhona.
Kusebenze iso elibukhali lomsizi kanondwena olikhombe emlotheni kade kubukeke sengathi unozinti weChiefs, uBrendon Petersen, ulivimbile.
Kube sengathi uyaphakama umoya kubadlali emuva kwaleli goli kwazise namakhadi ubese ewakhipha elandelana uLuxolo Badi, obephethe umdlalo.
Amakhosi agcine ezibuyisele emdlalweni ngegoli lokulinganisa elishaywe nguDu Preez ngomzuzu ka-36, obese kungelakhe lesibili kule sizini.
Womabili la maqembu akhombise ukuzinikela okumangalisayo ngasekuqaleni komdlalo futhi womabili athole amathuba alula ngendlela efanayo, ukuthi ziye ekhefini kukhona elihamba phambili kodwa ahluleka ancama ukwenza lokho.
Iqembu lasekhaya yilona elikhombise kuqala esiwombeni sesibili ukuthi lifuna ukubuyela ebuhleni kodwa neChiefs ibilokhu ivela ngawayo amathuba.
Zicishe zama izinhliziyo zabalandeli beChiefs ngomzuzu ka-58, uPetersen enza iphutha elicishe labakhumbuza akwenze koweDStv Premiership abawudlale neMamelodi Sundowns.
Ngalesi sikhathi bese kucaca ukuthi umdlalo uya esikhathini esengeziwe. Kodwa Amakhosi akwazile ukubuyela emakhaya ejabulile, uCastillo ephetha umcimbi ngegoli alishaye ngomzuzu wokugcina emva kokwakhelwe kamnandi uCristian Salie, obesanda kungena.
Kuneminyakazo ecishe yamisa izinhliziyo zabalandeli beChiefs emuva kokungena kwaleli igoli kodwa iChiefs igcine ikwazile ukubambelela.