OWAYENGUMDLALI weKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uDerrick Spencer ukholwa wukuthi umqeqeshi waleli qembu osabambile uCavin Johnson ungumqeqeshi osezingeni nonamava kodwa ongakulungele ukuliqeqesha.
UJohnson nguyena osabambe isikhundla sokuqeqesha iChiefs kuze kuphele le sizini kulandela ukukhonjwa indlela kukaMolefi Ntseki ngo-Okthoba ngenxa yokugqoza kwemiphumela emihle.
Yize ekuqaleni kwale sizini uJohnson eqashwe yiChiefs njengenhloko yesikhungo sayo sabadlali abasakhula, ungumqeqeshi onamava ekuqeqesheni okuyingakho abaphathi baleli qembu bengazanga bangabaze ukumbambisa kwesokuqeqesha leli qembu.
Nakuba uJohnson eseyibamba-mqeqeshi kodwa kubukeka kusengenzeka abaphathi beqembu bashintshe umqondo ngaye uma lingase liqede endaweni engcono kwi-log yeDStv Premiership, liqede endaweni ezolibekisela indawo emqhudelwaneni weConfederation of African Football (Caf).
Lo mqeqeshi ufike wasebenza noDillon Sheppard obengelinye lamaphini kaNtseki ngaphambi kokukhonjwa kwakhe indlela.
“UCavin ungumqeqeshi onamava futhi osezingeni eliphezulu, into nje ukuthi ungulomuntu olunge kakhulu kangangokuthi abanye abadlali bagcina sebesizakala ngokulunga kwakhe, badoje umsebenzi.
“Ngakho ngokwami yize engumqeqeshi osemkantshubomvu kodwa akakulungele ukuqeqesha iqembu elinjengeChiefs.
“IChiefs idinga umqeqeshi oqinile ongawubambi umshini futhi ozofika nethimba lakhe labaqeqeshi, njengoba loya mqeqeshi okwakuthiwa uyeza (uNasreddine Nabi) kwavela ukuthi ufuna ukuza nethimba lakhe labaqeqeshi,” kusho uSpencer, oke wasebenza noJohnson kwiPlatinum Stars.
UJohnson ekhuluma nabezindaba ngemuva kokwehlulwa iStellenbosch ngoLwesibili, uthe uzibona esawubambe kahle umsebenzi anikwe wona futhi nabadlali bayamhlonipha.
Ngenxa yemiphumela ewugingqigongqo, okwamanje iChiefs ibukeka iyiqembu elilwela ukuqeda kwiTop 8 kunelisembangweni wokuqeda emaqenjini amabili aphezulu.
USpencer owayeseqenjini laMakhosi elanqoba isicoco seligi yePremiership ngesizini ka-2004/2005, ube eseyithela kubadlali inkalivasi.
“IChiefs inabo abadlali abahle kodwa kudingeka nabo ngokwabo bazinuke amakhwapha, bakhombise ubuholi ikakhulukazi laba abadala, bakubeke emahlombe ukuguqula isimo.
“Uma ngingenza isibonelo nje, uShoes Moshoeu (ongasekho) ngesizini ka-2004/2005 ngenkathi izinto zingasihambeli kahle sisembangweni weligi, siqeda kudlala neManning Rangers eChatsworth Stadium, wabiza umhlangano wabadlali ezindlini zokushintshela wasikhuthaza esitshela ukuthi asibhukule kule midlalo esele ukuze siwine iligi.
“Nangempela sakwazi ukuvuka sizithathe, sagcina siyiwinile iligi ngaleyo sizini, ngenxa yobuholi obakhonjiswa ngabadlali uqobo,” kusho uSpencer.