UMSHUSHISI ekomitini eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL), uZola Majavu, uveze ukuthi iKaizer Chiefs iwavumile amacala okungaziphathi kahle kwabalandeli bayo ebibhekene nawo.
Ibivele kuleli komiti ngoMsombuluko ngamacala amabili amayelana nokungaziphathi kahle kwabalandeli.
Ngokusho kukaMajavu, amacala enzeka ngoSepthemba 20 nangoSepthemba 23, emdlalweni weDStv Premiership noweMTN8, lapho iqeqebana labalandeli beChiefs lajikijela izigubhu enkundleni.
IChiefs bese kungokwesibili ibizelwa icala elifanayo njengoba nasezinyangeni ezedlule abalandeli bayo bahlasela umqeqeshi uMolefi Ntseki. Ngalelo cala yagwetshwa u-R100 000 kodwa kwathiwa ayikhokhe u-R70 000, kwalenga u-R30 000 kuze kuphele izinyanga ezungu-24 ingatholwa necala elifanayo.
Njengoba abanye abalandeli bayo beqhubeka nokuziphathisa okweziwengu, uMajavu uthe kumele iwukhokhe lo-R30 000.
“Ngamacala amasha ihlawuliswe u-R200 000. Kuzolengiswa u-R50 000 kuwona izinyanga eziyisithupha ingatholakali necala elifanayo. Okusho ukuthi imali okumele iyikhokhe ngokushesha u-R180 000 kanye nezindleko zokuhlala kwecala,” kusho uMajavu esitatimendeni esithunyelwe ithimba lezindaba lePSL.
Akugcini lapho njengoba uMajavu ekugcizelele ukuthi ekuhlalelweni kwecala usihlalo wekomiti uzwakalise ukungenengeka ngalesi senzo sabalandeli.
“Ukukhombisa ukungenami, (uma iChiefs itholwa inecala elifanayo ezinyangeni eziyisithupha). Kuzovalwa abalandeli emdlalweni wayo olandelayo. Ngebhadi lokhu kuzothinta nabanye abalandeli ngoba womabili amaqembu ayodlala ngaphandle kwabalandeli. Usihlalo wekomiti ukugcizelele ukuthi lokhu akube isexwayiso kuwona wonke amaqembu,” kusho uMajavu.