I-ORLANDO Pirates yandise usizi lokungawini izindebe kweKaizer Chiefs inqoba ngo 2-1 esikhathini esengeziwe emdlalweni womkhaya baseSoweto kowandulela owamanqamu weNedbank Cup, eFNB Stadium, eGoli, izolo ntambama.
INedbank Cup bese kuyilona themba lokugcina lesicoco kule sizini kwiChiefs ezophinde isonge isizini ishwiba izandla kulandela ukuphunyukwa yizo zonke izicoco ebezidlalelwa.
NgasohlangothIini lwePirates ukwedlulela kwayo kowamanqamu kusho elinye ithuba lokulwela esinye isicoco kule sizini njengoba isivele inaso eseMTN 8 emgodleni.
IPirates yiyo eshaye igoli kuqala ngomzuzu ka-13 ngemuva komnyakazo omuhle obuqhamuke noMonnapule Saleng ehalazela ehudula amadoda wakhahlela ibhola elishayise onyaweni lukanozinti uBrandon Peterson, lawela ku-Erasmus engagadwe muntu walibhajiswa enethini kwaduma inkundla.
Empeleni iChiefs yiyo obekumele ishaye igoli kuqala kulo mdlalo ngenkathi umgadli wayo, uChristian Saile, ebhulukela ibhola esebhekene nonozinti uSipho Chaine, emuva kwebhola ebeligotshwe wu-Ashley Du Preez ngomzuzu ka-11 umdlalo uqalile.
Lo mgadli wase-DRC uphinde wageja omunye uqekelele wethuba lokutholela iChiefs igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-37 ehlulwa wukungqomfela phakathi ibhola ebeligotshwe wuDillan Solomons obeqhamuke ngasohlangothini lwesokudla.
Empeleni ukwehlulwa ngamagoli ngesiwombe sokuqala kukaSaile akuhlinzelanga nje kuphela iChiefs ezibini kodwa kwehlise nezinga lokuzethemba kuyena ikakhulukazi ngesiwombe sesibili njengoba egcine engasabanga nomdlalo omuhle, indawo yakhe yathathwa uCaleb Bimenyimana naye ongenzanga lutho olutheni.
UYusuf Maart, ubuyise iChiefs emdlalweni eshaya elokulinganisa ngomzuzu ka-79 emuva komnyakazo omuhle obuqhamuke noSolomons enkabeni yenkundla.
Ngesiwombe sesibili iChiefs ikhombise ukuba yiqembu elingcono kunangesiwombe sokuqala, nokho yehluleka wukusebenzisa amathuba, okube ngesifanayo nakwiPirates nokuphoqe ukuthi kuze kuyiwe esikhathini esengeziwe.
Ngesikhathi sekubukeka sengathi umdlalo ungagcina uya kumaphenathi, isitobha sePirates, uSandile Mthethwa, obengene esuka ebhentshini, ube yiqhawe eshaya igoli lakhe lokuqala kowomkhaya baseSoweto, egxuma eqa emadoda engqomfela phakathi ngekhanda ibhola ebeligotshwe wuNdabayithethwa Ndlondlo ngomzuzu ka-114.
EZimnyama sezilinde ozonqoba phakathi kweStellenbosch FC neSekhukhune United namuhla, ukuyodlala owamanqamu weNedbank ngoMeyi 27, eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane.