Orlando Pirates (0) 2
Cape Towns Spurs (0) 0
I-ORLANDO Pirates yedlulele kuma-quarterfinal eCarling Black Label Knockout ngokubhaxabula iCape Town Spurs ngo 2-0 koweLast 16, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu ebusuku.
Amagoli okuyiwona aqinisekise ukuthi eZimnyama zedlulela esigabeni esilandelayo seBlack Label Knockout, womabili angene ngesiwombe sesibili evalelwa phakathi wuThapelo Xoki kade kuyiphenathi, noKermit Erasmus olingqomfele phakathi ngekhanda.
IPirates izibekisela indawo emzuliswaneni kuma-quarterfinal alo mqhudelwano nje, akukapholi maseko iqeda kuphakamisa isicoco seMTN 8 ngokuguqisa iMamelodi Sundowns kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kanti ngakolunye uhlangothi ukuphuma ekuseni kweSpurs olusalokhu lubhimbe njalo uhlelo kuyona, kusho ukushaywa umdlalo wesishiyagalolunye imidlalo ilandelana uma kuhlanganiswa neyisishiyagalombili yeligi esashaywe kuyo.
Empeleni bekumele kuyiwe ekhefini iPirates ihamba phambili ngamagoli okungenani amabili kulo mdlalo ukube iwasebenzise ngendlela amathuba, okubalwa nebhola elivinjwe yisitobha seSpurs, uNazeer Allie, sekusele kancane leqe ulayini wegoli libhajwe enethini kade kuyibhola ebeligingqwe wuDeon Otto ngomzuzu ka-41 sekusele imizuzu embalwa ziye ekhefini.
Okuqaphelekile esikimini sePirates ukuba sesikimini esiqala umdlalo kukaThembinkosi Lorch obekungumdlalo wakhe wokuqala kule sizini, no-Olisah Ndah.
UNdah, obekungumdlalo wakhe wesibili kule sizini, akungatshazwa ukuthi ukushaya kwakhe into ecokeme kowamanqamu eMTN 8 emasontweni amabili edlule engena endaweni kaNkosinathi Sibisi owayelimele, yikho kanye okwenze umqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro angananazi ngokumbophela esikimini esiqala umdlalo.
Nebala uLorch akaphoxanga ngokuboshelwa kwakhe esikimini esiqale umdlalo njengoba edlale kahle kulo mdlalo, waze waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo wakhala wemuka nesheke likaR100 000.
Ngakolunye uhlangothi ukulimala kukanozinti uSipho Chaine ngesiwombe sokuqala, kunike ithuba uMelusi Buthelezi ithuba lokuba sezintini zePirates okokuqala kuleli qembu alijoyine ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiTS Galaxy ethwelwe ngeqoma. Nebala akangenelwanga goli emdlalweni wakhe wokuqala esezintini.
EZimnyama zizobuyela koweligi ngokubhekana naMaZulu FC, ngoLwesibili ebusuku, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kuthi i-Urban Warriors esalwela ukuthola iphuzu kule sizini kwiPremiership, ibuyela kweyeligi ngokubhekana nazo futhi eZimyama kowempindamshaye ngoNovemba 1, e-Athlone Stadium, eKapa.