IBRAZIL izoya kwi-2022 Fifa World Cup izihola phambili ekuklielisweni kweFifa okulandela imidlalo yamazwe ebingoSepthemba nokungeyokugcina ngaphambi kokuthi zilibangise eQatar ngoNovemba.
Ingu-119 isiyonke imidlalo yamazwe ebe ngoSepthemba kanti sekulindelwe izikwati ezizomela amazwe azoshukana kusuka ngoNovemba 20 kuya kuDisemba 18.
Le midlalo iklame indima enkulu ekuguqukeni kweFifa/Coca-Cola World Ranking.
IBrazil, eyolwela isicoco sayo sesithupha eQatar, igcine indawo yayo eqhulwini lokukleliswa yehlula iGhana neTunisia, okungamazwe amabili kwamahlanu azomela iCaf kwiWorld Cup.
Okuzoyifaka umdlandla kakhulu i-A Selecao wukuthi ilinwebile igebe phakathi kwayo neBelgium, esendaweni yesibili.
IBelgium yehlulwe kowe-Uefa Nations League, yiNetherlands (esendaweni yesishiyagalombili).
I-Argentina isayibambile endaweni yesithathu.
Ompetha bomhlaba, iFrance, basendaweni yesine kuthi i-England ibe kweyesihlanu.
Ukuguquko okuyilo lodwa emazweni angu-10 okuqala, wukuphambana kompetha base-Europe, i-Italy abanyukele kweyesithupha kwathi iSpain yehlela kweyesikhombisa.
ICroatia ithole amaphuzu amathathu ayinyusele endaweni ka-12 kwathi i-Iran yathola amabili ayikhuphulele ku-20, ilandelwa eduze yiSerbia ku-21.
Kunamaqembu anyuke kakhulu ekuklelisweni kweFifa kodwa angazibekiselanga indawo eQatar, okubalwa kuwo iScotland engu-40 ne-Arzebaijan eku-123, Algeria eku-37, Gerorgia eku-78, Mauritania eku-103 neSuriname eku-139.
Ompetha base-Afrika, iSenegal, basengabokuqala kwiCaf kanti baku-18 kwiFifa.
IBafana yenyuke ngendawo eyodwa iya ku-67.
Ukukleliswa okulandelayo kuzophuma ngoDisemba 22, 2022.