UMDLALI wasemuva weBrazil, uDani Alvez, ulindele ukuthi bakhuphule izinga uma sebebhekene neSouth Korea kwiLast 16 eNdebeni yoMhlaba ngoMsombuluko ebusuku.
La maqembu azotholana phezulu e-Stadium 974, ngo-9 ebusuku ebheke ukudlulela kuma-quarterfinal.
ISelecao iqale lo mqhudelwano ngokuguqisa iSerbia ngo-2-0 neSwitzerland ngo-1-0 kuGroup G, yasheshe yazibekisela indawo kwiLast 16.
Nokho izinto azihambanga kahle emdlalweni wokugcina wamaqoqo njengoba ishaywe yiCameroon ngo-1-0.
U-Alves akazange adlale emidlalweni emibili yokuqala kodwa uqalile bebhekene neCameroon. Lo mdlali oseneminyaka engu-39, uthe kumjabulisile ukuphinde athole ithuba lokudlala kulo mqhudelwano nakuba umphumela uphoxile.
"Bekuwumdlalo olethe imizwa ehlukene, bekukuhle ekuqaleni komdlalo kodwa kwaba muncu ekugcineni ngenxa yomphumela," kusho u-Alves etshela iFifa Plus.
“Ukube asiwamoshanga amathuba besizonqoba ngenqwaba yamagoli. Ekugcineni besiphatheke kabuhlungu. Ukuhlulwa yinto esingayamukeli kalula kodwa kumele kube yisifundo.
"Kulo mqhudelwano kufanele ufunde izifundo zakho ngokushesha ngoba awukuniki isikhathi eside sokugxila emdlalweni owodwa. Kufanele sivuke ngokushesha ngoba ngoMsombuluko, kunomunye umdlalo onzima okufanele siwudlale."
I-Korea iqede isibili kuGroup H ngemuva kokudlala ngokulingana ngo-0-0 ne-Uruguay, yashaywa yiGhana ngo-3-2, yabe isiguqisa iPortugal ngo-2-1 emdlalweni wayo wokugcina wamaqoqo.
U-Alves wayeyingxenye yeqembu elaqumba phansi iKorea ngo-5-1 emdlalweni wobungani ngoJuni, kodwa akalindele umdlalo olula.
“Ngikholwa wukuthi umdlalo neSouth Korea kuzoba wumdlalo ohlukile. Kowobungani awulahlekelwa okuningi kodwa manje siseNdebeni yoMhlaba,” kwengeza u-Alves.
"Wonke umuntu udlalela okuthile. Ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo ohlukile ozodlalwa ngesivinini esikhulu ngoba nabo bazofika nesabo isitayela.
Komunye umdlalo weLast 16 ozodlalwa ngoMsombuluko, iJapan izobhekana neCroatia e-Al Janoub Stadium ngo-5 ntambama.
I-Japan imangaze iningi iqhwakela kuGroup E ngemuva kokuhlula iGermany neSpain, kwathi iCroatia yalala isibili kuGroup F onqotshwe yiMorocco.