Mamelodi Sundowns (2) 2
Sekhukhune United (0) 1
KUCISHE konakala irekhodi leMamelodi Sundowns lokungehlulwa kwiDStv Premiership kule sizini kulandela ukunqoba kwayo ithwele kanzima kwiSekhukhune United koweDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku eLoftus Versveld.
ISundowns ebidlala okwehlandla lika-45 kule sizini kuyona yonke imiqhudelwano ibisivele ihamba phambili umdlalo unemizuzu engu-10 uqalile ngamagoli kaTashreeq Matthews noThapelo Morena.
Ukunqoba kwayo kusho ukusondela ekuqinisekisweni njengompetha beDStv Premiership ihlandla lesikhombisa.
Isiwombe sesibili sivulwe ngephenathi, kaChibuike Ohizo weSekhukhune, kulandela iphutha likaBrian Onyango.
Besishintshe ngabadlali abangu-11 isikimu seSundowns esiqale umdlalo wayizolo uma kuqhathanisa nesiqale oweligi ewudlale neMoroka Swallows ngaphambi kokuya eTunisia.
Ngaphambi kokuqala komdlalo, uRhulani Mokwena uchazile ukuthi isimo abakusona besimphoqa ukuba alishintshe lonke iqembu.
ISundowns efike kuleli ngoMsombuluko ebusuku iphuma eTunisia, ngoLwesihlanu imelwe ukuguqula isimo kowomlenze wesibili elandela kuwona ngo 1-0 kwi-Esperance Sportive de Tunis kowandulela owamanqamu weCaf Champions League.
Akuzange kubathathe isikhathi ukuthi bafudumale abadlali beSundowns kwazise uMatthews uyibeke ebuhleni ngomzuzu wesibili.
Ngowesihlanu iSekhukhune iyeke ithuba lokulinganisa ngonyawo lukaLinda Mntambo, lamehlula. Kudlule umzuzu owodwa, uMorena wahlawulisa iBabina Noko ngokushaya igoli lesibili leDowns ephakelwa uMatthews.
Maphakathi nesiwombe sokuqala kulimale unozinti weSundowns, uDenis Onyango, kulandela ukushayisana noMntambo indawo yakhe yathathwa uJody February.
Ngokubona ukuthi kuyonakala, iSekhukhune yenze ezayo izinguquko ikhipha, uJemmie Webber noLehlohonolo Mtshali, yafaka, u-Ohizo noKamohelo Mokotjo ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala.
Izivakashi zithole iphenathi umdlalo usanda kubuya ekhefini yathathwa u-Ohizo oyibeke enethini ngomzuzu ka-50.
Nakanjani kuyikhuphulele ukuzethemba iSekhukhune ukushaya igoli kwazise iyona ebisizinzile engxenyeni enkulu yeSundowns.
UMokwena ukhiphe uSiphelele Mkhulise benoLesiba Nku, wafaka uSammy Seabi noSiyabonga Mabena ngenhloso yokulungisa lesi simo. Sigcine silungile kwazise amaphuzu agcwele asale eLoftus.