Mamelodi Sundowns (0) 1
Richards Bay FC (0) 0
IRICHARDS Bay idedele iphuzu elimqoka isilibambile ngesikhathi inqotshwa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku, eLoftus Versfeld, ePitoli.
Igoli elinqobise amaSandawana livalelwe phakathi nguJunior Mendieta ngesikhathi esengezwe ngunompempe.
Umphumela uchaza ukuthi iSundowns iqhubekile nokuzitamuzela amaphuzu kwiBay ngoba isiyinqobe yomine imidlalo yeligi eyidlale nayo selokhu yakhushulelwa esigabeni esiphezulu ngesizini ka-2022/23.
Umqeqeshi wamaBrazilians, uRhulani Mokwena, ulishintshe lonke iqembu elidlale ngokubambana ngo 0-0 neYoung Africans emdlalweni weCaf Champions League ngempelasonto.
OweBay, uVusumuzi Vilakazi, wenze izinguquko ezintathu eqenjini elihlulwe yiLamontville Golden Arrows koweligi ngempelasonto. Ufake uNkosikhona Ndaba, Langelihle Mhlongo noKhuda Muyaba ezindaweni zikaTshepo Mabua, Thulani Gumede noMoses Mthembu.
Yize ezikaMokwena beziligcina kangcono ibhola esiwombeni sokuqala kepha kugqamile ukuthi bekudlala abadlali abangajwayele ukudlala ndawonye ngoba bezingasheleli ngendlela ejwayelekile uma sezisondele ngasebhokisini.
Akukho okutheni okwenziwe ngunozinti weBay, uSalim Magoola, ngaphandle kokuphuma epalini lakhe azohlangabeza amabhola abebezama ukuwafakela abagadli uTashreeq Matthews, Matias Esquivel noGaston Sirino.
Kanti unozinti weqembu lasekhaya uDennis Onyango, ubeyisibukeli ngoba amafolosi eBay abehluleka ukudlula odongeni lwezakhe lwasemuva. Ibhola alibambile kube yishodi ebelingaqinile ebelishaywe nguSanele Barns.
Kubonakale sengathi kukhona okwehlukile uMokwena akutshele iqembu lakhe egunjini lokushintshela ngesikhathi liqala isiwombe sesibili ngegiya elingcono.
ULebohang Maboe uthole uSphelele Mkhulise ngakwesokunxele ebhokisini, washaya umgundatshani odlule eceleni kwepali.
Nokho uphinde wehla lowo mfutho umdlalo wafana nesiwombe sokuqala, yonke iminyakazo iphelela emoyeni, kwala ngisho womabili amaqembu esenze inqwaba yezinguquko.
Kwale kancane ukuthi uNeo Maema ayibeke phambili iSundowns ngomzuzu ka-86 kulandela ibhola elihle abeliphakelwe nguSiyabonga Mabena, kwasebenza uMagoola ngokulichithela ngaphandle ibhola.
Igoli ligcine liqhamukile sekuvalwe amehlo ngesikhathi uSphelele Mkhulise egoba ibhola ngakwesokudla, uMendieta walibeka phakathi ngekhanda.
ISundowns isaqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-49 emidlalweni engu-19. Isizobheka umlenze wesibili wama-quarter-final eCaf Champions League ezowudlala neYoung Africans, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku, eLoftus. Umlenze wokuqala uphele zibambene ngo 0-0.
IBay isahlezi endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-14, emidlalweni engu-22 . Iyishiya ngamaphuzu amabili iCape Town Spurs esemsileni kodwa leli qembu laseKapa, lisadlale imidlalo engu-21.
EzikaVilakazi zizotholana phezulu neMoroka Swallows kolandelayo weligi ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.