South Africa (0) 0
Brazil (2) 6
KUPHINDE kwacaca ukuthi mningi umsebenzi osalele umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, kanye nabasizi bakhe, ngesikhathi leli qembu lithelwa phansi yiBrazil ngo 6-0 kowobungani obuseMoses Mabhida Stadium izolo ebusuku.
Bekungokwesibili la maqembu ebhekana njengoba edudulane e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu, kwanqoba iBrazil ngo 3-0.
Ngaphambi komdlalo wesibili u-Ellis ubekhale ngetwetwe alibone eqenjini lakhe kowokuqala, kanti oweBrazil, uPia Sundhage, ubeqaphele ukuthi abawashayanga amagoli anele. IBanyana izilungiselela iNdebe yoMhlaba engonyaka ozayo, nokusobala ke ukuthi kusamele kusetshenzwe.
Izivakashi zihlasele zibekwa kwasebenza unozinti uKaylin Swart ngomzuzu wesine, echitha ibhola ebelithunyelwe uTamires de Britto ngakwesokunxele.
Akuphelanga nomzuzu ngaphamb
i kokuthi uSwart acekele phansi umsebenzi omuhle abewenzile ngesikhathi esusa ibhola kungazelele muntu, lawela ku-Adriana, wangabe esabuza walibeka enethini.
IBanyana ibizama kodwa ihluleka ukwenza iminyakazo ezoyikhipha engxenyeni yayo yenkundla.
Umgadli welakuleli, uJermaine Seoposenwe ukhahlele ekude ngomzuzu ka-19 kodwa ishodi langagcwala, unozinti weBrazil, walibamba kalula. Bebezama ukutholana benoHildah Magaia noLinda Motlhalo kodwa kungalungi.
Kuthe sekubonakala sengathi kuzoyiwa ekhefini iBanyana isalandela emuva ngegoli elilodwa kuphela, konakala ngesikhathi uDebinha de Oliviera eqisela uSwart (obephumile emapalini) ibhola layokhalakathela enethini.
Kuthe kusaphele imizuzu emine kubuywe ekhefini izivakashi zaphinde zengeza igoli ngephenathi evalelwe uBeatriz Joao, edalwe nguSwart.
Igoli lesine lisheshe lalandela ngomzuzu ka-52 ngemuva kokuthi ibhola ebelivinjwe uSwart lithole uDuda Francelino esendaweni enhle, waliqedela esebhekene nepali.
Nelesihlanu lingene ngendlela ecishe ifane, lavalelwa uKatheleen Souza ngemuva kokuthi izitobha zeBanyana zihlulekile ukukhipha ibhola ebhokisini.
Isipikili sokugcina sishayelelwe uDebinha ngomzuzu ka-82, engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe uKerolin Ferraz ngakwesokunxele.
Uze wayophela umdlalo idlanzana labalandeli ebelisenkundleni lilokhu licule njalo, lishaya nezigubhu, ubungafunga ukuthi elasekhaya yilona ebelihamba phambili.