Zambia (0) 0
South Africa (0) 0
(IZambia inqobe ngo 1-0 esikhathini esengeziwe)
IZAMBIA ibe ngompetha abasha beCosafa Women's Championship ngokuhlula osokhaya, iBanyana Banyana, ngo 1-0 kowamanqamu obuse-Isaac Wolfson Stadium, eGqeberha, ngeSonto ntambama.
Igoli eliweze iZambia livalelwe nguBarbra Banda esiwombeni sesibili sesikhathi esengeziwe.
ICopper Queens ibiguqise iTanzania ngo 2-1 kowandulela owamanqamu kwathi iBanyana yadlula kwiNamibia ngo 1-0.
Bekungumdlalo wamagqubu ngenxa yokuthi iqembu lakuleli laguqisa iZambia kowamanqamu ngesikhathi ligcina ukuphakamisa indebe ngo-2019.
La maqembu aphinde abanga izindondo zethusi kuwona uqhudelwano nyakekenye, kwanqoba iCopper Queens sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1.
Izivakashi bezifike nesikwati esiqinile kulo mqhudelwano, esibophele abadlali abangu-17 abebeseqenjini elaqeda endaweni yesithathu kwiWomen's Africa Cup of Nations (Wafcon) eMorocco ngoJulayi.
Kwelakuleli ubengekho noyedwa owayeseqenjini eladla isicoco seWafcon futhi beliholwa wumqeqeshi weqembu lesizwe lika Under-17, uSimphiwe Dludlu, obebambele uDesiree Ellis.
Kusale kancane ukuthi iqembu lakuleli libhakuzise inethi kusaphele imizuzwana engu-10 umdlalo uqalile. Ibhola lithunyelwe kuSinazo Ntshota odedele ishodi elishaye ipali, selimdlile unozinti.
Izivakashi ziqale ukuligcina kangcono ibhola, zibheke ukuthola uBanda, obesehlohle amagoli ayisishiyagalolunye emqhudelwaneni ngaphambi kwalo mdlalo.
Ukwazile ukudlubulundela wangena ebhokisini ngakwesokudla, ngomzuzu ka-36 kodwa weluswa uFikile Magama, waze washaya ishodi elingagcwalanga elivinjwe wunozinti weBanyana, uDineo Magagula.
Womabili amaqembu enze izinguquko esiwombeni sesibili, ezama ukwengeza umfutho kodwa ahluleka ukwakha amathuba acacile. Onozinti bobabili bacishe baphenduka izibukeli kulesi siwombe.
Umdlalo ubusaphethwe yizivakashi, zizama ukuthola igoli lokuwunqoba kodwa zala ukhasha izitobha zeBanyana, kwaphela imizuzu engu-90 ingekho evume ukugoba uphondo.
IZambia ibuze kuqala esiwombeni sokuqala se-extra time, ngesikhathi uBanda edonsa intambo ekude, waphinde wasebenza uMagagula elichilizela ngaphandle ngakwesokudla.
Kuze kwayilungela iZambia ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili sesikhathi esengeziwe. UMargaret Belemu ugobe ibhola elihle ngakwesokudla, uBanda walibeka enethini ngekhanda.
Izamile iBanyana ukuya phambili emizuzwini yokugcina kodwa abadlali bese bekhombisa ukukhathala, abeZambia belidla kalula ibhola ingakafinyeleli nasebhokisini, laze lashona ilanga.
Bekungokokuqala ukuthi iZambia inqobe lesi sicoco kodwa iqembu lakuleli lisahamba phambili ngezicoco eziyisikhombisa.
Emdlalweni wokubanga izindondo zethusi, odlalwe kuqala, iTanzania ishaye iNamibia ngo 2-1.