XOLILE MPISANE
IBANYANA Banyana igoqe umqhudelwano waphesheya, iTurkish Women’s Cup, ngokudlala ngokulingana ngo-1-1 neSlovenia e-Emirhan Sport Complex, e-Alanya, ngoLwesibili ntambama iqembu.
U-Adrijana Mori ubeke iSlovenia phambili ngasekuqaleni komdlalo, uHildah Magaia washayela iBanyana elokulinganisa esiwombeni sesibili.
Iqembu lakuleli beliwuvule ngokunqoba i-Uzbekistan-3-0 ngoMgqibelo lo mqhudelwano, kanti iSlovenia ibisihlule i-Uzbekistan ngo-2-1 neZambia ngo-1-0.
Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, wenze izinguquko ezine eqenjini eliqumbe phansi i-Uzbekistan ngempelasonto.
UNoko Matlou uthathe indawo kaBambanani Mbane emuva, uKholosa Biyana wangena kwekaLinda Motlhalo esiswini, u-Asanda Hadebe wavala isikhala sikaGabriela Salgado kwesokunxele kwathi uMelinda Kgadiete waqala phambili endaweni kaJermaine Seoposenwe.
Unozinti weBanyana, u-Andile Dlamini, kudingeke ukuthi alicoshe enethini okokuqala ngqa ibhola kulo mqhudelwano ngesikhathi iSlovenia ishaya igoli lokuqala ngomzuzu ka-13.
UMateja Zver uthole ibhola elide ebelisuka emuva kwesokunxele, waligobela kuMori, olibeke enethini esephumile epalini uDlamini.
IBanyana izamile ukuthola igoli lokulinganisa ngesiwombe sokuqala kodwa iminyakazo yonakale phambili, kwayiwa ekhefini isalandela ngemuva.
Iqale ukuxhumana ngesiwombe sesibili sekungene uSeoposenwe noMotlhalo, abebebonana kangcono noNoxolo Cesane benoMagaia.
Kugcine kulungile ngomzuzu ka-77. UMagaia uthole iphasi ebivela kuBiyana kwesokunxele kanti bekubonakala sengathi ibhola uligobela ebhokosini kodwa lameqa unozinti layobhajwa enethini.
Womabili amaqembu azamile ukuthola igoli lokuwina kodwa isikhathi saphela esagijimisana.
IBanyana izoba nelinye ithuba lokuziqinisa ewindini elilandelayo leFifa lemidlalo yamazwe ngamazwe ekuqaleni kuka-Ephreli, ngaphambi kokubhekisa amabombo e-Australia naseNew Zealand, lapho kuzobanjelwa khona iNdebe yoMhlaba kusukela ngoJulayi.
Amaqembu ezobhekana nawo ewindini elizayo azoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi.