OMPETHA base-Afrika, iBanyana Banyana, baqhathwe eqoqweni elixoxekayo kwi-2023 Fifa Women’s World Cup izolo obekuqhathwa e-Auckland, eNew Zealand amazwe azoqhuthana kuyo.
Lo mqhudelwano ozosingathwa ngokuhlanganyela yi-Australia neNew Zealand uzodlalwa ngoJulayi 20 kuya ku-Agasti 20.
I-Afrika izomelwa yiBanyana, Zambia, Nigeria neMorocco ezoba yizwe lokuqala lesizwe sama-Arab ukudlala kulo mqhudelwano.
IBanyana iqhathwe eqoqweni-G neSweden, Italy ne-Argentina.
Okwenza leli qoqo lixoxeke kompetha base-Afrika, wukuthi .... udaba oluphelele lusephepheni lakusasa, Isolezwe ngoMgqibelo.
Aqhathwe kanje esewonke amaqoqo:
Eqoqweni A: New Zealand, Norway, Phillipines, Switzerland.
Eqoqweni B: Australia, Ireland, Nigeria,Canada.
Eqoqweni C: Spain, Costa Rica, Zambia, Japan.
Eqoqweni D: England, KUSAZODLALWA, Denmark, China.
Eqoqweni E: USA, KUSAZODLALWA, Netherlands, Vietnam.
Eqoqweni F: France, KUSAZODLALWA, Jamaica, Brazil.
Eqoqweni G: Sweden, South Africa, Italy, Argentina.
Eqoqweni H: Germany, Colombia, Morocco, Korea Republic.