UQWEQWE lomqeqeshi wakuleli, uJomo Sono, lukholwa wukuthi iqembu lesizwe lebhola leNingizimu Afrika labesilisa lizovuka uma selibunjwe iningi labadlali abadlala phesheya.
IBafana Bafana ayikaze ingene kwiNdebe yoMhlaba selokhu yagcina idlalela ekhaya ngo-2010. Ngaphambi kwalokho yayikwazile ukuzifaka emqhudelwaneni owadlalelwa eFrance ngo-1998 naseSouth Korea/Japan ngo-2002.
Isiphuthelwe imiqhudelwano emibili edlule ebiseBrazil naseRussia, kanjalo nowalo nyaka ozoqala eQatar ngeSonto.
USono (67) useke waqeqesha iqembu lesizwe kathathu kanti nguyena owayephethe izintambo ngesikhathi leli qembu lidlala eKorea naseJapan.
Ukholwa wukuthi impumelelo edlule yeBafana, okuhlanganisa nokunqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996, kwaba wumphumela wokuba nenqwaba yabadlali ababedlala phesheya ngaleso sikhathi.
Kuningi osekushiwo ngokungabibikho ngisho noyedwa umdlali odlala kwiPremier Soccer League (PSL) eQatar njengoba ngisho nalaba bakwamanye amazwe angenile kwiNdebe yoMhlaba bengekho emaqenjini abiziwe.
“Asikhulume ngezwe lethu, bekungakuhle ukubona iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba futhi kuyihlazo ukuthi asikho. Asingayiphathi indaba yabadlali bakwamanye amazwe ngoba akukho engikubheke kubona, ngibheke abaseNingizimu Afrika. Iqiniso ukuthi asikho kwiNdebe yoMhlaba," kusho uSono ekhuluma kwiWorld Football Summit eThekwini izolo.
“Kumele sihlale phansi njengabantu bebhola sibheke ukuthi konakelephi nokuthi kungani singakwazi ukungena emiqhudelwaneni emikhulu. Sesishaywa ngisho nasemiqhudelwaneni yeCosafa, yonke indawo esihamba kuyo siyashaywa. Kumele sisihlaziye lesi simo futhi singazikhohlisi.
“Ngingenza isibonelo ngesikwati sango-1996 esasinabadlali ababedlalela amaqembu amahle phesheya kwezilwandle. Babengakhuhli ibhentshi kodwa babedlala njalo futhi isipiliyoni abafika naso senza umehluko omkhulu.
“Iqembu engaya nalo kwiNdebe yoMhlaba ngo-2002 lalinabadlali abasezingeni eliphezulu ababedlala eGermany, England, Italy, Holland nakwamanye amazwe futhi babesezingeni eliphakeme. Kufanele sikhulume iqiniso ngezinga lebhola elidlalwa kuleli, nezinga labaqeqeshi esinabo uma kuqhathaniswa nabaphesheya."
Lo mnikazi ophinde abe ngumqeqeshi weJomo Cosmos, usole abadlali bakuleli ngokungazikhathazi ngokuthuthuka emsebenzini wabo, bakhethe ukunethezeka nezinto ezingenamsebenzi.
"Kungani singakwazi ukuthi sibe nabadlali abaya phesheya besebancane, mhlawumbe abe neminyaka engu-16 noma 17? Kumele baye phesheya ukuze babuye sebevuthiwe bazomela izwe labo," uqhube kanje.
"Ngisho nabadlali abaya phesheya kulezi zinsuku bagcina bebuyele ekhaya singakababoni benyukela emazingeni aphezulu. Ngiyaqonda ukuthi imali isikhona manje ngenxa yeDStv kodwa abanazo yini izifiso zokudlala kwiNdebe yoMhlaba? Bayazi ukuthi kusho ukuthini ukudlalela izwe lakho?
"Abanye bethu balimela izwe futhi siyaziqhenya ngalokhu. Uma ngingafa namuhla ngivuke kusasa ngingaphinde ngenze lokhu engikwenzile ebholeni. Ngike ngamela izwe lami kwiNdebe yoMhlaba, ngaya kwi-Africa Cup of Nations , ngiyawazi lowo muzwa. Ngiyethemba ukuthi sizozithumela phesheya izizukulwane ezizayo," uphethe kanje uSono.