Bafana Bafana (1) 1
Angola (1) 1
UKAPUTENI weBafana Bafana usindise leli qembu lesizwe kwimpoxo yokushayelwa i-Angola ekhaya emdlalweni wobungani obuseMbombela Stadium, eNelspruit, ngeSonto ntambama.
Ngaphandle kokungenelwa yigoli lika-Ambrosini Salvador, esiwombeni sokuqala, uWilliams utakule iBafana kunzima ingena ngamandla ngemizuzu yokugcina yomdlalo.
Elokulinganisa leBafana, lishaywe enethini ngephenathi ethathwe uZakhele Lepasa, ngaso futhi isiwombe sokuqala.
IBafana efike kulo mdlalo ihambela phezulu kwazise iwuwinile umdlalo wayo odlule neMozambique, ifice i-Angola iyilinde ngezikhwepha njengoba kusheshe kwacaca ukuthi kuzosebenza uqina-thambo.
Ngomzuzu ka-11, uTeboho Mokoena, ujikijele enye yezinguzunga aziwa ngazo kodwa wayiphebeza uHugo Marques, wodumo kwiCape Town City obevimbele i-Angola okuyizwe adabuka kulona.
Seziyela maphakathi nesiwombe sokuqala bese kuyizivakashi ezilihlikihla kangcono, yingakho kungazange kwethuse ukuthi uSalvador azibeke ebuhleni ngebhola alingqofele enethini kade kuyikhona ngomzuzu ka-20.
Lokhu kubaphaphamisile abafana bakaHugo Broos, kugqame kubona uKgaugelo Sekgota.
UThemba Zwane uqalile wabonakala enyakaza kwaze kwavela iphenathi edalwe uSalvador, edlalisa kabi uSekgota.
Uyibeke enethni uLepasa ngomzuzu ka-28. Lokhu kubukeka kukhuthaze i-Angola ukuthi iluqinise nakakhulu unyawo kwaze kwalimala uSiyanda Xulu, okhishwe ngohlaka kulandela ukushayeka kwakhe ehlombe edlaliswa kabi umgadli we-Angola.
IBafana ibuye ngamandla ekhefini kwavela ithuba kuMokoena kodwa waqoma ukuphasa esikhundleni sokushayela ipali.
Yize bekubukeka sengathi iBafana ebuye ingcono, izivakashi bezilokhu ziqhamukile neminyakazo eyingozi nebikhumbuza elakuleli ngobungozi bazo.
UBroos ukhiphe uZwane noFagrie Lakay wafaka uMiguel Timm noBongokuhle Hlongwane, ngenhloso yokukhuphula umfutho kubafana bakhe abese benezimpawu zokukhathazwa amandla abese ekhonjiswa i-Angola.
Ubuqhawe bukaWilliams nobukaputeni bakhe buvele amahlandla amathathu esiwombeni sesibili lapho etakule khona iBafana zingena ngamandla izitha.
Ugcine ephunyuzwa uSekgota noLepasa, ezindaweni zabo kwangena uKhanyisa Mayo noMonnapule Saleng, ongene kwachwaza inkundla bemjabulela.
Nangempela ukhuphukile umfutho kwiBafana kwavela namathuba kuMayo, Hlongwane noMokoena obengomunye wabadlali abagqamile kanjalo noLuke Le Rouxnaye oshaye into ecokeme.
Ngemizuzu yokugcina, i-Angola iyona ebibukeka sengathi ingayintshontsha iwini kwazise nabadlali abebefakelwe uBroos ukuzokwenza umonakalo, belingasafiki kubona ibhola. Bekuthi noma lifika kube iminyakazo engenabo ubungozi kangako.
Lo bekungumdlalo wokugcina kaBroos ngaphambi kokubhekana neLiberia ngoMashi kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), ese-Ivory Coast ngo-2024.