Bafana Bafana (0) 2
Mozambique (1) 1
KUBUKEKA engathi amazwi omqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, asindise leli qembu lesizwe ehlazweni lokushayelwa ekhaya iMozambique emdlalweni wobungani obuseMbombela Stadium, ngoLwesine ebusuku.
Amagoli amabili asheshayo kaBongokuhle Hlongwane, esiwombeni sesibili, aweze iBafana okuyiwe ekhefini ilandela ngemuva kulo mdlalo. Igoli lezivakashi livalelwe enethini uNelson Divrassone.
Kucace ngemizuzu yokuqala ukuthi iMozambique izoba inkinga kwiBafana kwazise unyawo iluqinise umdlalo uqala ngakho kodwa.
Lokhu kulandelwe amaphutha angajwayelekile kunozinti weBafana, uRonwen Williams ocishe wafaka amanzi endlini umdlao unemizuzu emine uqalile.
La matata kaWilliams, agcine eziphile izivakashi igoli elishaywe uDivrassone ngomzuzu ka-13.
Nesitobha sakuleli uRushine DeReuck ube nesandla ekutheni iMozambique izithole ihamba phambili kwazise uyena ofake ibhola ngaphakathi esikhundleni sokususa umhlola ekhaya.
Kube sengathi kuyayivusa lokhu iBafana yaqala yahlasela ngamandla kugqame uHlongwane oyeke amathuba amabili alula okubeka iBafana ebuhleni ngaphambi kokuthi ziye ekhefini.
Noma ngabe yini le uBroos ayitshele abafana bakhe ngesikhathi sekhefu isebenzile kwazise uHlongwane ubuye ekhefini ngokushaya amagoli amabili ngomzuzu ka-56 noka-59.
Emuva kwala magoli, iBafana bese kuyiyona ephungwa ngezithebe kuvela amathuba kubadlali abahlanganisa uMonnapule Saleng, Zakhele Lepasa noThemba “Mshishi” Zwane.
Ukuphunyuzwa kukaHlongwane obese eshayele iBafana amagoli amabili bekufanele kuyehlisele umthwalo iMozambique kodwa uKgaugelo Sekgotha, ongene endaweni yakhe kube sengathi uzowuqala phansi umsebenzi kwaze kwaba uyaphela umdlalo. UHlongwane ubengekho emidlalweni emibili edlule yeBafana ngenxa yokulimala.
Elakuleli selizodlala ne-Angola ngeSonto komunye umdlalo wobungani.