I-INTER Milan ingase imangaze abaningi kowamanqamu e-Uefa Champions League kwazise kukhulunywa kakhulu ngethuba lokunqoba izicoco ezintathu kweManchester City ekubeni womabili amaqembu ejaha irekhodi elithi alifane.
Womabili amaqembu alwela ukusonga isizini egabe ngezicoco ezintathu, umehluko nje, wukuthi iCity ibala neligi ekubeni i-Inter isalile kwiNapoli ethathe iSerie A.
I-Inter nokho iphethe iCoppa Italia neSupercoppa Italiana.
Okwenza iCity ibe yizimfivilithi emuva kokunqoba iPremier League okwesihlanu eminyakeni eyisithupha ngokunjalo neFA Cup.
Kugcine ngeManchester United ngo-1999 ukunqoba lezi zicoco neChampions League ngaphezulu.
I-Inter nokho nayo isefomini enhle kakhulu kwazise inqobe imidlalo engu-11 kwengu-12 yakamuva.
“Siyazi sinethupha elikhulu lokubhala elinye ikhasi emlandweni webhola,” kusho umqeqeshi we-Inter, uSimone Inzaghi.
“Siyazi akuzoba lula kodwa sizozama. Ukubambisana, yigama lelo elisibeke la ngakho ngokubambisana sizozama ngoMgqibelo.
“Siyalwazi uhlobo lomdlalo okuzofanele siludlale. ICity yiqembub eliqine ukuwedlula wonke emhlabeni, bakukhombisile lokho emidlalweni yabo eyedlule.
“Siyaziqhenya ngokuhamba size sifike la, sizokwenza konke okusemandleni ukudlala umdlalo ngomqondo ogxilile. Kuzofanele sivike amaphutha bese sisebenzisa amathuba esiwatholayo.”