UPHINDE wabashiya ngaphandle abadlali beKaizer Chiefs umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa, uHugo Broos, ngesikhathi ememezela isikwati esizodlala eyobungani neNamibia neDemocratic Republic of Congo ngenyanga ezayo.
UBroos ubefake abathathu baMakhosi ngesikhathi ememezela isikwati sabadlali abangu-36, izitobha uGiven Msimango noSfiso Hlanti nomgadli uPule Mmodi, kodwa abakwazanga ukungena eqenjini lokugcina labadlali abangu-23 elimemezele izolo.
IBafana Bafana igcina ukudlala babengekho abadlali beChiefs esikwatini.
Izobhekana neNamibia ngoSepthemba 9, bese itholana phezulu neDRC ngoSepthemba 12. Yomibili imidlalo izodlalelwa e-Orlando Stadium.
UBroos uthe inhloso bekuwukuqhubeka nabadlali asebengumgogodla weqembu lakhe kodwa aphinde anikeze ithuba nabanye abakhombisa umgqigqo omuhle muva nje.
“Kuhlale kunzima ngoSepthemba ngoba imidlalo isuke isanda kuqala emazweni amaningi ngakho akulula ukubona abadlali emidlalweni embalwa,” usho kanje lo mqeqeshi.
"Kodwa kungcono uma ngiqhathanisa nonyaka odlule ngoba manje senginalo iqembu elihlangene. Akusamele ngenze izinguquko eziningi ngaphandle uma kukhona abathile abenza kahle abafanelwe ukuba yingxenye yeBafana Bafana.“
Uthe ezinye izinguquko uzenze ngenxa yokulimala kwabadlali kodwa uyajabula ukuthi bakhona abanye abadlali abaseqophelweni elifanele abazovala izikhala.
Kwabalimele kubalwa abeMamelodi Sundowns, uKhuliso Mudau noThapelo Morena, nomgadli uBongokuhle Hlongwane ogijima kwiMinnesota United yase-United States of America.
Abanye abadlali basale ngaphandle ngenxa yokungadlali ngokwanele emasontweni edlule.
“UHlongwane ulimele ngakho ngeke akwazi ukuba nathi, ngike ngakhuluma naye ngoLwesibili. Ubengakwazi ukudlala okungenani umdlalo owodwa kodwa ngibone kungcono ukuthi ahlale eqenjini lakhe ukuze alulame ngokuphelele,” kusho uBroos.
"Kunginika ithuba lokubiza omunye umuntu ofana noKodisang (Kobamelo). UMailula (Cassius) simshiye ngoba usanda kuqala eqenjini elisha futhi usazijwayeza. Siyazi ungumdlali onjani.
"Angazi ukuthi kwenzekani ngoBlom (Njabulo), kwesinye isikhathi uyadlala aphinde futhi angadlali. Ngibone kungcono ukuthi ngifake u (Grant) Margerman ukuze akhombise ukuthi yini angayenza kuleli zinga."
Okunye okugqamile esikwatini sikaBroos, ukubuyiswa komgadli uLebo Mothiba, owagcina ukudlala kwiBafana kwi-Africa Cup of Nations eyayise-Egypt ngo-2019. Useshayele iqembu lakhe laseFrance, iStrasbourg, igoli elilodwa emidlalweni emithathu yeligi selokhu kuqale isizini.
“ULebo ubengadlali phambilini yingakho besingamthathi ngoba uma ungadlali awukwazi ukuhambisana nesivinini somdlalo. Uqalile ukudlala ngesizini edlule futhi usadlala namanje,” kusho uBroos.
“Uwuhlobo lomgadli esingenaye. Mude futhi unamandla yingakho eseqenjini. Kumfanele ukuba yingxenye yeqembu lesizwe.”
IBafana izodlala eminye imidlalo emibili yobungani ne-Eswatini ne-Ivory Coast ngo-Okthoba ngaphambi kokuthi ngoNovemba iqale imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams (Mamelodi Sundowns), Veli Mothwa (AmaZulu FC), Ricardo Goss (SuperSport United).
Izitobha: Sydney Mobbie (Sekhukhune United), Thabiso Monyane, Innocent Maela, Nkosinathi Sibisi (Orlando Pirates), Grant Kekana, Audrey Modiba, Mothobi Mvala (Mamelodi Sundowns) Siyanda Xulu (SuperSport United).
Abasesiswini: Luke Le Roux (Volendam), Teboho Mokoena, Bathusi Aubaas (Mamelodi Sundowns), Grant Margeman (SuperSport United).
Abagadli: Mihlali Mayambela (Aris Limassol), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns), Kobamelo Kodisang (Moreirense), Percy Tau (Al Ahly), Zakhele Lepasa, Monnapule Saleng (Orlando Pirates), Lyle Foster (Burnley), Lebo Mothiba (Strasbourg).