UCHAZWE njengomuntu obenothando nobeyazisa inhlonipho umdlali waMaZulu FC, uBongi Ntuli, ofihlwe izolo emathuneni eLala Kahle Memorial Park, KwaNyuswa, emuva kwenkonzo ebiseCliffdale.
UNtuli ushonele esibhedlela saseMgungundlovu ngempelasonto edlule ngemuva kokugula isikhashana okuvele ukuthi ubebanjwe umdlavuza.
Inkonzo yokumphelezela ibihanjelwe ngabadlali bamaqembu ahlukene, izikhulu zebhola nabaholi bezepolitiki. Izikhulumi bezisina zidedelana, zivalelisa kulo mgadli ongomunye wabahlonishwayo eMzansi. Okuhlale obala wuthando abenalo lwabantu nenhlonipho. UNtuli ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe, uSinenjabulo Zungu-Ntuli, abazali bakhe, odadewabo abane nezingane ezine.
Udadewabo kaBongi, u-Andile, uthe bazoqhubeka nenhlonipho abafundise yona umfowabo.
"Izinhliziyo zibuhlungu kodwa samukele. Mama ngiyazi ukuthi ngeke kusafana njengoba uBongi engasekho kodwa sikhona thina. Sizozama ngakho konke ukusivala isikhala. Siziduduza ngokuthi mayenziwe intando kaJehova. Usitshengisile uthando Mphemba.
“Zesulekile kimina izinyembezi ngoba ngikubonile ngaphambi kokuza lapha. Kade unokuthula. Siyazi ukuthi kade uthanda amakha abizayo. Sikhulumile nodadewethu ukuthi sizohlanganisela isiqholo sakho sisifuthe endlini yethu ukuze singalahlekelwa yiphunga lakho. Ekhaya besazi ukuthi ngisho kungenzekani kodwa uBongi ukhona. Uyifakile indlela yokuziphatha nenhlonipho kithina. Mama ubuhlala usho ukuthi ayikho ingane yakho ekuhlonipha njengoBongi. Ngifuna ukusho ukuthi lokho ukushiyile kithina. Ngikuthanda ngenhliziyo yami yonke, "kusho u-Andile obephahlwe ngabanye odadewabo.
Umyalezo ovela kunina kaBongi, ofundwe ngomunye wodadewabo, uBuyi, uthe: "Inxeba elivuleke kimina ngeke liphele. Bengikhathazekile ngikubona ugula nakuba ubungifihlela. Ungenzele konke okuhle. Nodadewenu ubafundisile. Banezitifiketi zemfundo ephakeme ngawe.“
Ngemuva kwenkulumo kadadewabo kaNtuli nonina wezingane zakhe ezimbili, kudlalwe i-video yomshado wakhe noSinenjabulo ashone ezogcagcelwa nguyena ngokwesintu. Kule-video bebefunga ukunikana uthando olungenamkhawulo.
Unina wezingane zikaBongi, ozibize ngo-Angie osuka e-Eastern Cape, uhambe emazwini ezinye izikhulumi, egcizelela uthando lukaNtuli.
"Yinde indlela esiyihambile siza lapha. Bengingazi ukuthi sizofika lapha sizofihla uBongi. Miningi iminyaka singabonani kodwa bengazi ukuthi uyabathanda abantwana bakhe. Bekungakhathaleki ukuthi umatasa kangakanani kodwa ubeba nesikhathi sezingane zakhe. Sonke sishaqekile. Baqinisile uma bethi ubekwazisa ukuziphatha futhi ebathanda abantu. KuSne (umkaBongi), sizokubeka emkhulekweni. Angikwazi ukucabanga isikhathi esincane osichithe naye. Ubekuthanda, sikubonile lokho ngezinsuku zakhe zokugcina," kusho yena.
Ngesikhathi kuqhubeka inkonzo ibandla lamaNazaretha, okukhonzwa kulona kwaNtuli, belilokhu liduduza ngokuhlabelela. Belishitshana nabaculi bowokholo, u-Ayanda Ntanzi noMalusi Mbokazi.