SILOKHU siqhubekile ukunyuka isibalo samacala samaqembu ePremier Soccer League (PSL) azithola enqunywa yimithetho yeFederation of International Football Association (Fifa) ngezindaba zezinkontileka zabadlali bangaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika.
Lokhu kuvuswa yimibiko yakamuva yokumangalelwa kweRoyal AM kwiFifa, okwaziwa kahle ukuthi iyayivikela inhlalakahle yabadlali abasuke bengewona umsinsi wakulawo mazwe abasuke bedlala kuwo.
Leli qembu laKwaZulu-Natal limangalelwe ngumgadli ofike eNingizimu Afrika eminyakeni emine edlule ezodlala kwiKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic waseSerbia.
Ekupheleni kwesizini edlule uNurkovic, ushiyile kwiChiefs emuva kokuba nesizini embi kuyona ahlale isikhathi esiningi elimele.
Ube esevumbuka kwi-AM enkontilekeni okwakubikwe ukuthi iqala ngoJulayi 2022.
Nebala ubonakele kuleli qembu kodwa kwaphela izinyanga engadlali ngenxa yokulimala.
Lokho kuholele ekutheni iqembu limkhulule ngoSepthemba okulandelwe wukuthi yena alimangalele kwiFifa ngoNovemba nonyaka.
Lo mgadli waseSerbia, usola i-AM ngokungamkhokheli ngisho indibilishi kusukela ejima nayo ngoJulayi 1 kuze kuba imkhomba afika ngayo eqenjini.
Sekuwajwayele amaqembu ePSL ukubhekana nolaka lweFifa ngezindaba ezithinta abadlali bokufika.
Udaba lukaNurkovic lulandela olweMarumo Gallants emangalelwe ngu-Ovella Ochieng waseKenya naye eyisola ngokuphula imigomo yenkontileka.
Eqinisweni ubekhala esithi asifane nesikaNurkovic esola leli qembu ngokungamkhokheli ngokwesivumelwano ngoba kuthiwa akaze adlale.
Sekuyindaba endala ukuthi u-Ochieng uphume phambili kwiFifa, eyalele iGallants ukuthi ikhokhe uR500 000 kulo mdlali, oseyibamba eBotswana manje.
Kucishe konakala kakhulu kwiGallants ngoba isinde ngokulambisa ekutheni iFifa ingayigwebi ngesivimbelo sokusayinisa njengalokhu okuke kwenzeka kwiChiefs.
Okwashaya iChiefs wukulahlwa yicala elalikwiFifa “lokungasayinisi ngendlela” umdlali waseMadagascar, u-Andriamirado Aro Hasina Andrianarimanana.
Lo mdlali wayethengwe kwiFosa Juniors okuyiyo eyayimangalele iChiefs, iyisola ngokuyiqonela ngoba nakhu izibona iyisikhondlakhondla okungathi uma kukhona okwenzekayo kushiyane omama ukondla.
IChiefs yagcina igwetshwe amawindi amabili ingasayinisi mdlali.
Ngaphambi kwalokho, yiBloemfontein Celtic ebilahlwe yicala kwiFifa yayalelwa ukuba ikhokhele uPatrick Tingyemb waseCameroon, owayeyimangalele, efuna uR3 million.
Ngaphambi kwalokho, ngaMaZulu FC nawo alahlwa ngayelivulelwe kwiFifa, ngumdlali waseNamibia uPhinheas Nambandi. Kwaphetha ngokuthi aphucwe amaphuzu ayisithupha, okwawaphonsa emsileni we-log.