UYAKUPHIKA umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, ukuthi bathelwe phansi ngenduku yiChippa United ngenxa yokudlala iqembu lisabhekene nobuhlungu bokudlula emhlabeni kobewumdlali wezakhe, uLuke Fleurs.
IChiefs ishaywe ngo 2-0 wamagoli kaBienvenu Eva Nga nelikaSinoxolo Kwayiba angene esiwombeni salo mdlalo wangempelasonto, obuseBuffalo City Stadium, ebiwudaka ngenxa yemvula.
Ngaphambi kwalo mdlalo bekwethenjwa ukuthi abadlali baleli qembu bazowesebenzisa ukuvalelisa uzakwabo, uFleurs, ngokuthi banqobe kwiChippa.
UFleurs ojoyine Amakhosi ngo-Okthoba, udlule emhlabeni ngoLwesithathu elwedlule ebusuku ngemuva kokudutshulwa edunwa imoto eGoli.
Esithangamini sabezindaba uJohnson ukuvumile ukuthi asisihle isimo ekhempini yabo ngenxa yokudlula emhlabeni kukaFleurs.
Nokho uthe lesi simo asihlangene nokuhlulwa kwabo.
"Kulezi zinsuku isimo asisihle ekhempini yethu ngenxa yokudlula emhlabeni komunye wabadlali bethu. Sithi dudu emndenini wakhe. Nakuba ngingeyena udokotela wengqondo kodwa abadlali bami bayazama ukulwa nalesi simo.
“Mayelana nendlela esidlale ngayo ngijabule ngokuzinikela kwabadlali engikubonile. Ngijabule ngendlela abadlale ngayo ngaphandle kwala magoli amabili awubulima abanikele ngawo ezitheni. Sihlulwe ngenxa yokudembesela kwethu," kubeka uJohnson.
Mayelana nomdlalo, uthe bekumele bawuqede emizuzwini ewu-20 yokuqala.
"Sithole amathuba amahle amane kuya kwamahlanu. Ngemuva kwalokho, singenelwe amagoli amabili abesingawagwema kalula. Nasesiwombeni sesibili sichithe isikhathi esiningi sijahana nebhola. Ukube uChivaviro (uRanga) ulishayile elokuqala bekuzoba lula ukuza nelesibili.“
Nakuba ekhuluma kanje uJohnson, iChippa beyingaphezulu kakhulu ngokomdlalo. Empeleni kumele ukuba inqobe ngenqwaba yamagoli.
Njengoba iChiefs seyihlulwe inkomishi yeMTN8, Carling Black Label Knockout, Nedbank Cup neyeligi futhi kubukeka sekungaba umlingo ukuthi iqede endaweni ezoyifaka kwimiqhudelwano yeCaf, iChampions League eConfederation Cup, okucacile wukuthi isilwela ukuzigcina kwi-Top 8.
Bekungokwesibili kulandelana iChiefs ishaywa. Ngaphambi koweChippa ibishaywe iStellenbosch ngo-1-0.
Empeleni bekuwumdlalo wesine kulandelana ihluleka ukuqoqa amaphuzu amathathu.
Inamaphuzu awu-30, emidlalweni ewu-23.
"Kungokokuqala sishaywa kulandelana. Kumele sizinuke ukuthi sihlulwe kanjani. Kumele sikuqonde nokuthi siphuma kuphi. Sisalelwe imidlalo eyisikhombisa. Kumele sisuke kule ndawo esikuyo. Akekho ozosisusa ngaphandle kwala bantu abawu-30 noma abawu-40 abasebenza kuleli qembu. Sihlalelwe umsebenzi wokubuyisa injabulo kubalandeli bethu," kusho uJohnson.
Uthe ngeke akhale ngenkundla ngoba bekuyisimo esifanayo nakwiChippa. IChilli Boys inamaphuzu awu-29, emidlalweni ewu-23. Kulandelayo Amakhosi azobhekana neRichards Bay, ngo-Ephreli 20, King Zwelithini Stadium.