UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli lebhola labesifazane, uDesiree Ellis, uthi asezoqina amalungiselo abo njengoba sebewazi amaqembu abazobhekana nawo kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
Amaqembu angu-32 azoyibamba kulo mqhudelwano oseNew Zealand nase-Australia kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti ngonyaka ozayo. Aqhathwe emcimbini obuse-Auckland ngoMgqibelo ekuseni.
IBanyana ingene kwiGroup G lapho neSweden, Italy ne-Argentina. U-Ellis ekhuluma nethimba leSafa labezindaba ngemuva kokuqhathwa, uthe bagculisekile ngendlela amaqembu aqhathwe ngayo nangeqoqo abafakwe kulona.
Selokhu iBanyana yanqoba iWomen's Africa Cup of Nations eMorocco ngoJulayi isidlale imidlalo yobungani emithathu enzima, ngenhloso yokuzicijela iNdebe yoMhlaba. Ibhekane neBrazil, engompetha baseSouth America America kabili kuleli, yase ingcweka ne-Australia eLondon. Kuyona yomibili imidlalo ithelwe ngehlazo njengoba igcine ivuzise amagoli awu-13, yashaya elilodwa.
“Ngicabanga ukuthi wonke amaqoqo anzima, aqhathwe kahle amaqembu. Sesike sadlala neSweden kodwa asikaze sibhekane ne-Italy ne-Argentina. Bekungenzeka sizithole eqoqweni elinzima kunaleli, ngakho-ke sijabule,” kusho u-Ellis kwiSafa.
“Uma kukhulunywa ngeSweden, sike sadlala neNetherlands edlala ngendlela efanayo. Mayelana ne-Argentina, ngibona idlala isitayela esifana nese-Brazil. I-Italy ivela ezwenikazi elifanayo neNetherlands, yize behlukile ngezindlela ezithile.
“Manje sesizoqala ukwenza izinhlelo ezingcono, ukuhlaziya amaqembu nokwenza isiqiniseko sokuthi sinolwazi olwanele ngawo wonke. Sizohlela imidlalo yobungani efanele”.
IZambia iqhathwe neCosta Rica, Spain neJapan kwiGroup C, iNigeria izobhekana ne-Australia, Republic of Ireland neCanada kwiGroup B, kanti iMorocco izoqhuthana neGermany, Colombia neKorea Republic kwiGroup H.
IBanyana yayiqhathwe neGermany, Spain neChina ngesikhathi iqala ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2019, yaqeda emsileni ngeqanda.