INKAKHA eyayingunozinti we-Orlando Pirates, uJohn Tlale, ithi kuzofanele unozinti okhuhla ibhentshi kuleli qembu, uRichard Ofori, azame ukuqalaza engxenye uma esazimisele ngokuqhubeka nokudlala eqenjini lesizwe laseGhana.
UTlale usho kanjena nje, u-Ofori uyindaba egudwini kubalandeli bebhola baseGhana, abakhala ezimathonsi ngalo nozinti. Bamkhomba ngenjumbane ngokuba nesandla ekuphumeni ekuseni kwaleli qembu lesizwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo e-Ivory Coast.
Sekungumlando ukuthi iGhana ngelinye lamaqembu esizwe ase-Afrika abebhekiwe kulo mqhudelwano kodwa yaphuma ekuseni kulandela ukunganqobi kwayo nowodwa umdlalo kuGroup B lapho ibikleliswe khona neCape Verde, i-Egypt neMozambique. Kuleli qoqo yiCape Verde ne-Egypt abadlulele kwi-Last 16.
Ukuphuma ekuseni kweBlack Stars kwi-Afcon, sekuholele ekukhonjweni indlela komqeqeshi, uChris Hughton. Ibhantshi eligcwale umoya kuyena ngoLwesibili.
U-Ofori, ongenelwe ngamagoli ayisithupha emidlalweni emithathu kulo mqhudelwano we-Afcon, ugxekwe kakhulu ngamaphutha abenawo iBlack Stars ibambana ngo 2-2 neMozambique emdlalweni wokusonga kuGroup B obekufanele iwunqobe ukuzibekisela indawo emzuliswaneni olandelayo.
“U-Ofori ubevele eye kwi-Afcon engadlali eqenjini lakhe iPirates, nengicabanga ukuthi ukuzethemba kwakhe bekuvele kungekho ezingeni elifanele njengonozinti phezu kokuba umqeqeshi weGhana ebekholelwa kuyena.
Njengoba engadlalanga kahle kwi-Afcon, futhi egxekwa nangabalandeli beGhana ngokuba nesandla ekudliweni kweqembu emqhudelwaneni, lokho kuzomlimaza kakhulu ekuzethembeni kwakhe njengonozinti, ikakhulukazi uma esebuyela eqenjini lakhe iPirates. Eqinisweni nje, amathuba akhe okuphinda athole ijezi kwiPirates mancane kakhulu njengamanje,” kusho uTlale.
“Ngokwami, ngicabanga ukuthi uma esafuna ukubuyela eqenjini lesizwe lakubo eGhana, njengoba kucaca ukuthi uyathenjwa khona, kuzofanele afune elinye iqembu lapho azokwazi ukuthi adlale khona, alithole njalo ijezi njengoba kwenzeka kunozinti weNigeria, uStanley Nwabili, olithola njalo ijezi kwiChippa United.”
Ezintini zeBlack Stars, u-Ofori ubanga ijezi noJojo Wollacott ovimbela iHibernian FC yaseScotland, noLawrence Ati-Zigi ovimbela iSt Gallen yaseSweden.
Ebuzwa ngoSiyabonga Mpontshane, onguzakwabo ka-Ofori kwiPirates, naye okhuhla ibhentshi, uTlale ukubeke kwacaca ukuthi lo nozinti kuzofanele afune elinye ikhaya.
“UMpontshane usekhulile, ngokwami isikhathi sakhe sesiphelile kwiPirates ngenxa yokuthi uncintisana nonozinti abasebancane abadlala kahle, uSipho Chaine noMelusi Buthelezi.
Kuzofanele naye athole elinye iqembu lapho azofika adlale khona, ngoba kule minyaka akuyona yobudala kufanele ahlale edlala, hhayi ukuhlala ebhentshini,“ kusho uTlale
Inkontileka ka-Ofori neZimnyama iphela ngoJuni, ngokufanayo nekaMpontshane oneminyaka engu-37.