NAKUBA kube muncu kwabanye abathandi bebhola kuleli, ikakhulukazi kubalandeli beMamelodi Sundowns, ngesikhathi iwasishwa ijezi iWydad Casablanca kwiCaf Champions League kodwa lisekhona isasasa ngowamanqamu ngenxa yomgadli weBafana Bafana, uPercy Tau, ovutha amalangabi kwi-Al Ahly yase-Egypt.
ISundowns ikhale ngaphansi kwiWydad ngesikhathi bebambana ngo 2-2 kowomlenze wesibili kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano ngoMgqibelo eLoftus Versveld.
Lo mphumela ubumubi kwiSundowns ngoba kowomlenze wokuqala emasontweni amabili ekuhambeni, la maqembu ambambane ngo 0-0.
IWydad izovakashela i-Al Ahly kowomlenze wokuqala wowamanqamu ongoJuni 4, eCairo lapho kubhekwe khona ukuthi uTau aqhubeke nefomu yakhe ayikhombisa kulo mqhudelwano kulezi zinsuku. Umlenze wesibili uzokuba seMorocco ngoJuni 11.
Kule sizini yeChampions League, uTau useshayele i-Al Ahly amagoli amane waphinde wakhela ozakwabo amanye amahlanu.
Le fomu yalesi silomo seBafana yenza abathandi bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika baqhubeke babe nentshisekelo ngomdlalo wamanqamu yize izobe ingasekho iSundowns.
UTau oseke wadlalela iBrighton and Hove Albion yase-England waphinde wadla izicoco namaqembu ahlukene aseBelgium, usethubeni lokwengeza indondo yesibili yeChampions League kwazise ubekwiSundowns, kaPitso “Jingles” Mosimane, edle iChampions League ngo-2016.
Uma egcina ewinile kwiWydad, kuzobe kungokokuqala edla iChampions League ne-Al Ahly.
Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, wenqabile ukuphawula kwabezindaba ngesikhathi ebuzwa ukuthi unawo yini amazwi angawabhekisa kuTau njengoba eya kowamanqamu. Kuyaziwa ukuthi laba bobabili banobudlelwano obaqala, uMokwena esaqeqesha uTau emazingeni aphansi.
“Mina noTau sinendlela yethu ekhethekile yokuxhumana ngakho-ke uma kukhona engidinga ukukuxoxa naye ngizosebenzisa leyo ndlela yethu,” kusho uMokwena.
Lo mqeqeshi ubekhuluma esithangamini nabezindaba eLoftus Versveld kusaphele imizuzu embalwa iSundowns iwashiswe ijezi kwiChampions League.
Mayelana nokuphuma kwabo kwiChampions League uthe lisekhona ithemba lokuthi bazogcina beyinqobile le ndebe ngelinye ilanga.
“Sizoyiwina iChampions League ngelinye ilanga yikhona nje ukuthi angazi lokhu kuzokwenzeka nini kodwa kuzokwenzeka,” kusho lo mqeqeshi.
“Ngiphoxekile kodwa hhayi kangako ngoba kucacile ukuthi kusekhona ezinye izindlela zokudlala iChampions League okusafanele sizifunde njengeqembu.
“Sizosebenzisa bona lobu buhlungu esibuzwayo ukubuya sesingcono ngesizini ezayo futhi sinentshisekelo yokulungisa amaphutha esiwenze (kule sizini) kwiChampions League,” kusho uMokwena. Lo mphumela usho ukuthi iSundowns inqobe indebe eyodwa kuphela kule sizini, iDStv Premiership. Ihlulekile wukunqoba iMTN 8 kanjalo neNedbank Cup. Ngesizini edlule yazinqoba zonke lezi zindebe ezidlalelwa kuleli.