IKHEFU leFederation of International Football Association (Fifa) lizonika abaqeqeshi abaya kwi-2022 Fifa World Cup ithuba lokuhlunga okokugcina abadlali abazoya nabo emqhudelwaneni oseQatar kusuka ngoNovemba 21.
IConfederation of African Football imelwe yiSenegal, Ghana, Tunisia, Morocco neCameroon.
IGhana, ekwi-group H nePortugal, Uruguay neKorea Republic, ibhekane neBrazil izolo izodlala neNicaragua ngoLwesibili.
Abadlali ababhekiwe kwiGhana ngukaputeni u-Andre Ayew, injini ye-Arsenal uThomas Partey nesikhwishikhwishi somgadli esishisa izikhotha kwi-Ajax Amsterdam, uMohammed Kudus.
IGhana icijwa ngu-Otto Addo, olidlalele ka-15 iqembu lesizwe laseGhana yize ezalwa eGermany.
ITunisia, eboshelwe kwi-group D nompetha bomhlaba iFrance, Australia neDenmark, ibhekene nenselelo yokuqopha kabusha umlando ngokudlula esigabeni samaqoqo okokuqala ngqa.
Nabo amalungiselo bawasonga ngeBrazil ngoLwesibili kodwa baqale ngeComoros.
ITunisia icijwa nguqweqwe lomqeqeshi lwakuleliya lizwe, uJalel Khadri, oluneminyaka engaphezu kuka-20 kulo mkhakha yize lungakaze lulidlale ibhola elikhokhelayo.
IMorocco, evula i-group F neCroatia ngoNovemba 23 ngaphambi nokubhekana neBelgium neCanada, ingcweke neChile izolo, ineParaguay eSeville ngoLwesibili.
IMorocco icijwa yinkakha yeqembu lesizwe, uWalid Regragui, efike yabuyisa isilomo seChelsea, uHakim Ziyech ebesesiwagaxe emgibeni ngenxa yokungazwani nomqeqeshi obekhona ngaphambili.
ICameroon, eyodlala okwesishiyagalolunye kwiWorld Cup ezobe iphekwa yinsephe yayo endala, uRigobert Song, idlale ne-Uzbekistan izolo kanti ngoLwesibili ineSouth Korea, eSeoul.
Amazwe iNingizimu Afrika, Egypt, Algeria neNigeria awayi kwiWorld Cup enza amalungiselelo eyokuhlungela i-Afcon yangonyaka ozayo.
INigeria yona kulokhu izozilungisela ngokungcweka ne-Algeria e-Oran, e-Algeria namuhla ntambama.
I-Egypt yona ingcweka neLiberia e-United Arab Emirates.
EQatar amazwe ase-Afrika ayogeza igama ngokuphuma wonke esigabeni samaqoqo eRussia ngo-2018.